Now Reading
Ifuna ukukhiqiza izibabuli zabasubathi iXcel
Dark Light

Ifuna ukukhiqiza izibabuli zabasubathi iXcel

Isemkhankasweni wokuheha abaxhasi iXcel Running Club yaseThekwini efike kwezwakala kwezokusubatha eNingizimu Afrika ukuze iqhubeke nokudlondlobala.

Lokhu kudalulwe ngomunye wezikhulu eziphezulu zaleli qembu uMandla Mngomezulu ngesikhathi exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile. 

IXcel  isungulwe eminyakeni emithathu eyedlule kodwa idlondlobala njengesivinini somsubathi waseJamacia u-Usain Bolt.

“Kumqoka ukuthi sibambe lo mgqigqo omuhle esihamba ngawo ngoba iqembu lethu yiqembu elikhulayo. Asifuni ukubuyela emuva. Sizimisele ngokugcina abasubathi esinabo. Yingakho nje sisemkhankasweni wokuthola nabanye abaxhasi ukuze sikwazi ukubamba lomgqigqo bese sidoba nabanye abasubathi abanekhono abazojoyina izitebela sethu. Enye yesinhloso ngqangi zethu wukukhuphula nabasubathi abasuka ezikhungweni zethu zenkulisa. Sifuna ukubabona begqama begijima nemijaho yaphesheya,” kuchaza uMngomezulu ophinde abeyisekela likamengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA).

IXcel Running Club isungulwe ngonyaka wezi-2020. Ifike ngelikhulu ishodi njengoba ifike yasayinisa abasubathi abazakhele igama emabangeni amade namafishane.

Kubasubathi enabo kubalwa uJanet Mbhele obalwa nabali-10 bokuqala abaphume phambili kwiComrades Marathon yanyakenye.

“Sinezinhloso ezinkulu ngowezi-2024. Siwuhlele kahle lonyaka. Besifuna uqale abagijimi besesimeni esikahle ngokomqondo nangokomzimba. NgoMasingana bebesasebenza kakhulu ukuqinisa indaba yesivinini noma ijubane. Njengamanje sesigxile kakhulu ekuqiniseni imiqondo yabo. Sifuna ukuthi nalabo abazange babe nonyaka omuhle ngonyaka odlule kodwa bangene kulo nyaka benethemba lokwenza kangcono. Besihlele nokusebenza nodokotela bengqondo kulabasubathi ababhekene nengcindezi” kubeka uMngomezulu.

Omunye umgijimi weXcel owenze kahle nguTebello Ramakongoane owenze ezibukwayo enqoba iDurban International Marathon, neWorld Athletics Championship.

USibusiso Kubheka, onqobe iDrakensburg 21km Marathon, Harry Gwala 10km neMandela Day 21km.

See Also

“NgoMbasa sihlele ukuba nekhempu yabagijimi abazobe becijela iComrades Marathon. Nalapho sizobe sibacija ngokomqondo nangokomzimba. Isifiso sethu wukuthi bahlale begqugquzelekile. Sizophinde sibenohlelo lokugqugquzela intsha ngokuya esikoleni nokuvula amathuba emisebenzi. Uma ngenza umzekelo nje kunamantombazane akwazi ukwenza izinwele aphinde abe ngabasubathi. Sifuna ukubheka ukuthi abagijimi abanamabhizinisi amancane njengalawa bangakuthola kanjani ukwesekwa ukuze bakwazi ukuziphilisa. Lolu hlelo luzoba ngenyanga yabasha mhla ziyishumi nesithupha kuNhlangulana,” kulandisa uMngomezulu.

Ngempelasonto iXcel kubhekwe ukuthi iqhubeke nokwenza kahle kuBhekuzizwe Joseph Shabalala (JBS) Marathon ezoba seMnambithi ngempelasonto.

Izobe igadla ngo-Ayanda Ngcobo noSibusiso Kubheka kwabesilisa bese kuthi kwabesimame ihlasele ngoJanet no-Andisiwe Njunguza.

“Umjaho omkhulu esizoqala ngawo yiJoseph Shabalala Marathon. Inhloso yethu wukukhombisa ukuthi sisekhona emgqigqweni wethu. Okusijabulisayo wukuthi kukhona abasubathi bethu asebekhombisile ukuthi bazimisele ukubhekana nezinselelo ezinkulu abangabhekana nazo kulo mjaho. Siyaqonda ukuthi umjaho omkhulu. Yebo, usanda kuqala kodwa mkhulu nxazonke. Uma ubheka umuntu ohlonishwayo. Imali efakiwe nayo iyakutshela ukuthi mkhulu kangakanani. Ngonyaka odlule ubuqala kodwa uheha abagijimi abanegama. Yingakho nathi siwuthatha njengomjaho omkhulu. Amalungiselelo ethu ahamba kahle kakhulu. Ngiyacabanga sizongena nabathathu bokuqala.” kuphetha uMngomezulu.

Scroll To Top