Now Reading
Udumo malube kuwo wonke umuntu esibambisene naye: Ronwen
Dark Light

Udumo malube kuwo wonke umuntu esibambisene naye: Ronwen

Akafuni ukuthatha udumo ukaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams osefomini enhle ku-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-Ivory Coast.

UWilliams ovimbela iMamelodi Sundowns ugile izimanga ngempelasonto ebamba amaphenathi amane ngesikhathi iBafana ihlula iCape Verde ngo 2-1 emdlalweni we-quarterfinal ye-Afcon eStade  Charles Konan Banny de Yamoussoukro.

Umdlalo uphelele nge-0/0 ngemuva kwemizuzu eli-120 kungekho efuna ukugoba uphondo. Nangesikhathi kuqhubeka umdlalo uWilliams uvimbe amabhola anzima. Ugcine eqokwa njengomdlali ovelele.

UWilliams ukubeke kwacaca ukuthi akafuni ukuthatha udumo ngezimanga azigile ngempelasonto.

“Ukuvimba amaphenathi amane kimina akusho lutho. Into emqoka kunazo zonke kimina wukuthi siyakwazile ukulwa umdlalo uqala waze wayophela. Besibambisene njengomndeni enkundleni. Silwile. Yilokho okuhamba phambili kimina nokumqoka njengamanje. Umklomelo wokuqokwa njengomdlali ovelele ngifuna ukuwubhekisa kubadlali, ithimba labaqeqeshi nabo bonke abebeyingxenye yethu kulolu hamba lwethu. Abahlaziyi benze umsebenzi omuhle kakhulu. Bayifunde bayiqeda iCape Verde. Umakhalekhukhwini wami ubunyinyitheka imibukiso enabadlali baseCape Verde bekhahlela amaphenathi nokuthi badlala kanjani. Akumina ngedwa enginqobe lomdlalo. Ithimba labahlaziyi nomqeqeshi wonozinti kumele banconywe nalo. Akulula ukuthola lemibukiso ngoba abadlali beCape Verde badlala ezindaweni ezahlukene emhlabeni, ” kuchaza uWilliams.

Emidlalweni emihlanu, uWilliams usangenelwe amagoli amabili kuphela kulo mqhudelwano.

See Also

Usedlale imidlalo emine ilandelana ibhola engalilandi enethini. Selokhu wagcina ukungenelwa amagoli kowokuqala iBafana iguqiswa yiMali ngo-2/0.

“Abahlaziyi, ithimba labaqeqeshi nomqeqeshi wonozinti benze umsebenzi wami walula kakhulu. Ngijabule ngokuthi ngikwazile ukuvimba amabhola anzima ngesikhathi kuqhubeka umdlalo. Udonga lwami lwasemuva luyavala okwangempela kodwa uma liqhamuka ithuba lokuziveza ngiyajabula ukuthi ngiyakwazi ukulithatha ngezandla zombili.” kubeka uWilliams.

Wonke amehlo azophinde athi njo kuWilliams kusasa ngelesi-7 ebusuku uma iBafana isidudulana neNigeria eStade Bouake emdlalweni wokuqala owandulela amanqamu e-Afcon.

Scroll To Top