UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uhlelo oluvuselelwe lweBrithani lokuthumela abafuna ukukhoseliswa eRwanda luzophuca izinkantolo amandla okucubungula izinqumo kanye nengozi yokubhekana "nomonakalo omkhulu emalungelweni abantu", kusho isikhulu samalungelo abantu e-United Nations ngoMsombuluko.
UMengameli waseMauritania uMohamed Ould Ghazouani uqokwe njengoSihlalo omusha we-African Union. Ukhetho lwenzeke eNgqungqutheleni yama-37 Yezinhloko Zemibuso Nohulumeni YeNhlangano Yamazwe ase-Afrika e-Addis Ababa, e-Ethiopia.
Izintatheli zithola amachaphazela ezimpini eziqhubekayo.
UMkhandlu Wezokuphepha we-United Nations uthi ukhathazekile ngokwanda kodlame empumalanga yeDemocratic Republic of Congo. Lokhu kulandela imibiko yokuhlasela ngeSonto ekuseni esikhumulweni sezindiza iGoma International Airport.
U-Israeli ngeSonto ukwenze ngokusemthethweni ukuphikisana nalokhu ebikubiza ngokuthi "ukuhlonishwa kohlangothi olulodwa" kokuzimela kwePalestine futhi yathi noma yisiphi isivumelwano esinjalo kufanele kufinyelelwe kuso ngezingxoxo eziqondile.
Inhloko yenyunyana enkulu yabalimi eFrance, iFNSEA, ithe imibhikisho ehlasele lo mkhakha ngenyanga edlule ingase iqale kabusha uma uhulumeni engenzi okwengeziwe ukuhlangabezana nezidingo zabo zokuholelwa okungcono nezimo zokusebenza.
UNgqongqoshe Wezobudlelwane Bamazwe Nokubambisana uDkt uNaledi Pandor uthe ziyabathusa izigigaba zaseRafah. Ekhuluma eceleni komhlangano we-African Union Executive Council e-Addis Ababa, e-Ethiopia, uPandor uthe u-Israeli awuyilandeli imiyalelo ye-International Court of Justice (ICJ).
Kubulawe umfundi edolobheni laseSenegal, iSaint-Louis phakathi nemibhikisho enodlame yangoLwesihlanu ephikisana nokuhlehliswa kokhetho lukamongameli, kusho uMnyango Wezangaphakathi.
Umbutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) usukuqinisekisile ukushona kwamalungu amabili ngemuva kokuhlaselwa eDemocratic Republic of Congo (DRC) izolo.
Izwe iRussia lilungiselela ukulwa namazwe aseNtshonalanga phakathi neminyaka eyishumi ezayo futhi kungase kuvinjwe ukuhlangana kwamasosha ahlomile amazwe angaphandle, kusho uMnyango Wezobunhloli Wangaphandle wase-Estonia namuhla.
IHhovisi likaMengameli likuqinisekisile ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uyalele ukuthi kujutshwe amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) ayizi-2 900 empumalanga yeDemocratic Republic of Congo.
IZimbabwe ihlele ukwenza izithangami ngokubulawa kwabantu okwaziwa ngokuthi iGukurahundi okwenzeka phakathi kowe-1982 kuya kowe-1986, lapho izinkulungwane zabantu abakhuluma isiNdebele bavalelwa, bahlukuluzwa, badlwengulwa futhi babulawa ngamabutho kaHulumeni.
ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi loyo obengumkhulumeli weSILO, uMtwana u-Afrika Zulu wasOnkweni usehoxisiwe kulesi sikhundla.
Abezokuphepha eSenegal ngoLwesihlanu babhekane nezinkumbi zababhikishi abaphikisana nokubambezeleka kokhetho lukaMengameli, njengoba uNgqongqoshe Wezobulungiswa echithile izinsolo zokuthi ukuhlehla bekuyimizamo yokuthatha izintambo zokuphatha.
IPhalamende lase-Ethiopia ngoLwesine ligunyaze ukuqokwa kwesikhulu sezobunhloli uTemesgen Tiruneh njengephini likaNdunankulu, engena esikhundleni sikaDemeke Mekonnen, osesebenze iminyaka eli-11 kulesi sikhundla, kubika abezindaba.
UNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu uyibize “ngokuzikhohlisa” imibandela ebekwe yiHamas uma izodedela iziboshwa ezigcinwe eGaza, uNetenyahu uxwayise ngokuthi ukuvumelana nemibandela kungaholela “ekubulaweni kwabantu abaningi futhi.”
Irokhethi yashaya eduze kwenyuvesi edolobheni laseCongo, iGoma njengoba izinkulungwane zezakhamuzi zibalekela umkhankaso wamavukelambuso eM23 asabisa ngokuthatha leli dolobha elinabantu ababalelwa ezigidini ezimbili.
UMengameli waseSenegal uMacky Sall unqume uluhlehlisa ukhetho ngenxa yombango oqhubekayo mayelana nohlu lwabazongenela ukhetho kanye nezinsolo zenkohlakalo ngaphakathi kwenhlangano yoMthethosisekelo ebiphethe lolu hlu.
Abaholi beqembu behlulekile ukuphikisa isinqumo sephalamende enkantolo nesibakhipha ngaphande.
UMengameli uVolodymyr Zelenskyy uyalele ukuthi kudalwe igatsha elihlukile lamasosha ase-Ukraine azobhekana namadroni.
Inkantolo yaseThailand izolo inikeze izigwebo ezilengisiwe kowayegaqele isikhundla sobuNdunankulu uPita Limjaroenrat kanye nabanye abayisikhombisa bezombusazwe ngokubamba umhlangano ongekho emthethweni ngowezi-2019.
Inkantolo ephakeme ye-United Nations ngoLwesihlanu inqume ukuthi izolalela icala lapho iKyiv (inhlokodolobha yase-Ukraine) eyicele khona ukuthi imemezele ukuthi ayizange ibulale abantu empumalanga ye-Ukraine.
Amasosha ase-Ethiopia abulale abantu abangaphezu kwama-50 ngesonto eludlule edolobheni elisesifundeni i-Amhara ngesikhathi kuseshwa indlu ngendlu kulandela ukulwa namasosha endawo, kusho izakhamuzi ezintathu ezitshela abeReuters.
Izwekazi iAfrika namhlanje livuke ngezindaba ezibuhlungu eziqinisekiswe uhulumeni wase Namibia ngokudlula emhlabeni kukaMongameli wayo wesithathu,…...