ISILILO: Kasekho emhlabeni umengameli waseNamibia



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izwekazi iAfrika namhlanje livuke ngezindaba ezibuhlungu eziqinisekiswe uhulumeni wase Namibia ngokudlula emhlabeni kukaMongameli wayo wesithathu, u-Hage Geingob, ongene kulesikhundla kusukela ngowezi-2015.
Umakadebona we-SWAPO kanye nomuntu obalulekile emzabalazweni wenkululeko waseNamibia, ukungena kwahulumeni kaGeingob badweba isithombe esibalulekile kuleliyalizwe. UMongameli u-Hage Geingob udlule emhlabeni ngesikhathi elashwa esibhedlela i-Lady Pohamba e-Windhoek, e-Namibia.
Ezungezwe umndeni wakhe, waphefumula okokugcina, okwenza ukuthi uhulumeni uphuthume uqinisekise ukudlula kwakhe emhlabeni. Ibamba likaMengameli uDkt uNangolo Mbumba umemezele ukuthi ikhabhinethi izohlangana ngokushesha ukuze ihlele izinhlelo zomngcwabo.
Ngemva kokukhula njengelungu le-SWAPO, uGeingob wabamba iqhaza elibalulekile ohambweni lwaseNamibia lwenkululeko. Kulo nyaka, iNamibia bekumele ibe nokhetho, kanti uGeingob bekulindeleke ukuthi aqhele ezantambeni zombuso ngemuva kokuqeda amahlandla amabili njengomengameli.