Now Reading
USihlalo omusha we-AU usekhethiwe
Dark Light

USihlalo omusha we-AU usekhethiwe

UMengameli waseMauritania uMohamed Ould Ghazouani uqokwe njengoSihlalo omusha we-African Union. Ukhetho lwenzeke eNgqungqutheleni yama-37 Yezinhloko Zemibuso Nohulumeni YeNhlangano Yamazwe ase-Afrika e-Addis Ababa, e-Ethiopia.

UGhazouani uthathe izintambo kumengameli waseComoros, u-Azali Assoumani. UGhazouani uthe uwulungele umsebenzi.

“Ngokwe-Agenda 2063, ikhombisa izinhlelo zethu zokwakha i-Afrika esiyifunayo, i-Afrika edidiyelwe nephumelelayo, lapho kunokuthula khona nalapho izakhamuzi zingabaholi bezwekazi njengamandla emkhakheni wamazwe ngamazwe. Ukuphumelela kwezinhlelo zethu namasu okufeza lo mgomo omuhle kuncike ekusetshenzisweni ngempumelelo kwezinsiza zabantu ukuze sibe nohlelo olusebenzayo lwezemfundo oluvulekele ubuchwepheshe obusha,” kusho uGhazouani.

UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe, uNaledi Pandor ukwamukele ukushintshwa kwesikhundla sikasihlalo ngaphandle kwezinkinga.

See Also

“Amazwe kumele abheke ukuthi singakanani isabelomali asuke esenzela imfundo. ENingizimu Afrika, ngicabanga ukuthi senze kahle. Sizuze imfundo yomhlaba wonke yezingane iminyaka eli-10 yemfundo eyimpoqo. Okufanele sikubheke manje yindikimba ethi amakhono afanele ikhulunyaka lama-21 – amakhono afana nobunjiniyela, ukuxhumana ngolwazi, ubuchwepheshe, ubuhlakani bokufakelwa. Kudingeka siqinisekise ukuthi sinezinsiza zabantu ezifanele kubo.”

Scroll To Top