Now Reading
Abezindaba bayaba yingxenye yempi ngengxaphephe
Dark Light

Abezindaba bayaba yingxenye yempi ngengxaphephe

Njengokujwayelekile uma kunempi phakathi kwamazwe kusetshenziswa izikhali. Nokho kukhona esinye isikhali izimbangi ezisisebenzisayo – okuyimpi yomqondo. Le mpi incike kakhulu ekusatshalalisweni kolwazi, olunye olungamanga olunye oluyiqiniso.

Empini ese-Ukraine nethinta iRussia namazwe asentshonalanga kanye nakuleyo ephakathi kweHamas no Israeli inkulu impi yokusatshalaliswa kolwazi. IRussia ithathwa njengompetha kule mpi yingakho uma kuqala impi awasentshonalanga azama ukuyinqamula ‘umthambo’ ngokuthi emazweni angaphansi kwe-European Union (EU) kuvalwe iRussia Television.  Kuyinamuhla iningi lezakhamuzi ngaphansi kwamazwe angaphansi kwe-EU kawayiboni iRussia TV. Lokhu kukapakela ngisho nasemazweni aphakelwa yizinkampani ezingaphansi kwe-EU njengeNingizimu Afrika.  

Ngakolunye uhlangothi amaziko ezindaba asenthsonalanga afana neCNN, iBBC neSkyNews  apheka asabalalise imibiko ebeka iRussia ichashaza. Lokhu akugcini kumaziko ethelevishini kepha nakumaphephandaba asetshonalanga ngesifanayo. Isibonelo amaphephandaba afana neNew York Times, iWashington Post, iThe Guardian, iTimes awayibeki kahle iRussia.

NaseGaza okufanayo, uma iqala impi bekusobala ukuthi uma ufunda amaphephandaba asentshonalanga abeseka u-Israeli esola abeHamas. Okuze kwaba nomehluko ngombiko we-Aljazera nokunokuvumelana ekutheni ubeka zonke izinhlangothi. Lokhu okutuswa nge-Aljazera u-Israeli uyakusola nakhona ngoba enengwa yindlela ukubulawa kwabantu abangaphezu kwezi-20 000 eGaza kuvezwa ngayo. Iqiniso lithi okuvela ku-Ajazira nokuhlaziya kwayo yikho okuguqule ngisho laba abebeseka leli lizwe uma bebona umonakalo owenziwa ngamagumgedlela akwa-Israeli.

Iningi labezindaba njengezakhamuzi zaseGaza babuthe izidumbu njengoba ekuhlaseleni kwawo u-Isreali awukhethi muntu , umkhonto uwufaka nasezintathelini.  Kuthiwa zingaphezu kwe-100 ezisale enkundleni.

See Also

Muva nje uMengameli waseRussia uPutin ube nengxoxo nentatheli yase-USA uCarlson. Kule nkulumogxoxo uCarlson ukhulume okuhle ngoPutin neRussia nokuyinto enenge abezindaba entshonalanga. Basole uCarlson ngokuchopha ingqakala kaPutin nabambuka njengombulali nesidlova.

Okusobala nokugqame ngezimpi ezikhona wukuthi abezindaba bangayiqeda impi ngemibiko yabo efundisayo noma bangayibhebhethekisa ngemibiko yabo. Abanye nezinhlangano zabo bavele bachemile nokuphoqa ukuthi imibiko nayo icheme. Abanye bethanda bengathandi bagcina beyingxenye yokusabalalisa ulwazi olwenza abafundi babenozwelo noma basole uhlangothi oluthile.

Scroll To Top