UMAFUNGWASE: Uvikela iqembu noma okwakwabo?
by Anathi Mtaka
July 2, 2025
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Imilomo nezinkulumo ziyavunana kwiningi elishiya noma elixoshwa ezikhundleni eqembeni uMkhonto Wesizwe.
Leyo nkulumo ngethi lowo oyindodakazi kaMengameli weqembu uJacob Zuma eyilunga lePhalamende uNks Duduzile Sambudla-Zuma uyaxova eqembeni futhi kalawuleki.
Umbuzo okhona ngothi laba abasho lokhu bakusho ngoba bevikela amaphutha abo noma uMafungwase lona impela ubalwisa-nje umi ngephuzu lokuthi lokhu (iqembu i-MK) okwakwabo?
