IZimbabwe ikhuthaza ukuthi kube nesithangami esivulekile ukuze kuqedwe izinkinga zeDRC
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezangaphandle eZimbabwe u-Amon Murwira usenxuse ukuthi kube nezingxoxo phakathi kwabo bonke ababambe iqhaza eDemocratic Republic of Congo (DRC). Lokhu njengoba amavukelambuso e-M23 eqhubekela phambili nokugwamanda amadolobha aseGoma naseKamanyola kanti futhi luyakhula uvalo lokuthi bazoyithumba maduze i-Uvira City.
UMurwira ugcizelele ikhwelo leAfrican Union lokuxoxisana kwezombusazwe. “Esikugqugquzelayo wukuthula ngoba uma usuka ekuthuleni uyayibona intuthuko kanti obekukhona phambilini bekuyizingxoxo zombuso nezwe, izingxoxo zokuthula. Lokhu sikunwebele ezingxoxweni zombuso nezingezona ezombuso.”
Khonamanjalo, amavukelambuso e-M23 acele uhulumeni wase-DRC ukuthi abambe izingxoxo eziqondile nawo ukuze kuqedwe udweshu empumalanga yezwe. Amavukelambuso acele ukuthi kuxoxiswane ukuze kubhekwane nezimbangela zokungqubuzana.
