Now Reading
Usopolitiki ophikisayo e-Uganda uphuthunyiswe esibhedlela
Dark Light

Usopolitiki ophikisayo e-Uganda uphuthunyiswe esibhedlela

Usopolitiki weqembu eliphikisayo e-Uganda uKizza Besigye, osesitelekeni sokungadli (hunger strike) ngesonto eledlule, uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuba isimo sakhe sempilo sibe sibi, kusho ilungu lezomthetho elisebenzisana naye kanye nomsakazi wethelevishini wendawo.

UBesigye osenesikhathi eside engumholi ophikisana nohulumeni futhi egxeka uMengameli uYoweri Museveni, ugqunywe esikhungweni ejele enhlokodolobha iKampala kusukela ngoLwezi.

Abameli bakhe bathi “wathunjwa” eKenya engumakhelwane lapho ayehambe khona wabe eseyiswa ngenkani ebuyela e-Uganda, lapho ebekwe khona amacala e-General Court Martial (GCM) yamasosha ahlanganisa nokutholakala nezikhali ezingekho emthethweni.

“Ngaphansi kwabezokuphepha abebehlome beyizingovolo uDkt uBesigye ulethwe emtholampilo oseBugolobi Village Mall,” kusho uFrancis Mwijukye, oyilungu lezomthetho elisebenzisana noBesigye, ekhuluma ngenxanxathela yezitolo eBugolobi eKampala.

See Also

Ngenyanga edlule, iNkantolo Ephakeme yase-Uganda esinqumweni yathi izakhamuzi akufanele zishushiswe ezinkantolo zombutho, lokhu yakubiza ngokuthi kuphambene nomthethosisekelo.

Abantu abaningi base-Uganda, okuhlanganisa naye umholi weqembu eliphikisayo, isihlabani somculo we-pop u-Bobi Wine kanye nenhlangano yodokotela, bangene ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto bezwakalisa intukuthelo futhi befuna ukukhululwa kukaBesigye nokufinyelela kuye ngaphandle kwemingcele ngodokotela bakhe.

Scroll To Top