Now Reading
I-M23 ifuna ukuzibandakanya ezingxoxweni zokuthula nohulumeni wase-DRC
Dark Light

I-M23 ifuna ukuzibandakanya ezingxoxweni zokuthula nohulumeni wase-DRC

Iqembu lamavukelambuso i-M23 selinxuse uhulumeni waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ukuthi ubambe iqhaza ezingxoxweni zokubhekana nenkinga ekhona ezweni. Leli qembu libhekene nempi enzima nombutho waseDRC.

Esitatimendeni, leliqembu lamavukelambuso i-M23 selikhiphe isandla kuhulumeni waseKinshasa ukuze abambe iqhaza ezingxoxweni ezizoholela ekuthuleni okuhlala njalo e-DRC. Leli qembu selithumbe amadolobha amaningana kuleliyalizwe.

Uhulumeni wase-DRC uthembele kumasosha angaphansi kweSouthern African Development Community (SADC) kanye nawe-MONUSCO ukuthi balethe uzinzo ezweni. INingizimu Afrika ilahlekelwe amasosha ali-14 abesemsebenzini wokugcina ukuthula e-DRC.

Scroll To Top