IHamas ithi izoyeka ukukhulula izakhamuzi zakwa-Israel eyayizithumbile
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IHamas ngoMsombuluko imemezele ukuthi izoyeka ukudedela abathunjwa bakwa-Israel okwamanje ngenxa yalokhu leliqembu ekubiza ngokwephulwa kwesivumelwano u-Israel sokuqeda udlame eGaza, okubeka engcupheni yokuphinda iqhubeke impi.
IHamas bekumele idedele abanye abathunjwa bakwa-Israel ngoMgqibelo ukuze ithole izakhamuzi zasePalestine nabanye abantu basePalestine abagcinwe ezitokisini zakwa-Israel njengoba kwenzekile emasontweni amathathu edlule.
Ngemuva kwesimemezelo ebesingalindelekile seHamas, imindeni yabathunjwayo kanye nabasekeli bayo bagcwele endaweni yaseTel Aviv manje eyaziwa ngokuthi yi-Hostages Square ngoMsombuluko ebusuku ukuze bacindezele uhulumeni ukuthi angasichithi isivumelwano sokuthula.
“Wonke umuntu ongekho lapho okumele abe khona kufanele abuyele ekhaya manje,” kusho uShoshana Brickman, umbhikishi ojoyine isixuku sabantu ababalelwa kwizi-2 000 embhikishweni ongahleliwe.
I-Hamas ithe yenze isimemezelo ezinsukwini ezinhlanu ngaphambi kokukhululwa kwabathunjwa okuhleliwe ngoMgqibelo ukuze abalamuli bacindezele u-Israel ukuthi ufeze izibopho zayo zokumisa impi futhi “igcine umnyango uvulekile ukuze ukushintshana kwenzeke ngesikhathi.”
UNgqongqoshe Wezokuvikela wakwa-Israel u-Israel Katz uthe umnyakazo we-Hamas wephula ukumiswa kwempi futhi wayala amasosha ukuthi abe sezingeni eliphakeme kakhulu lokulungela impi eGaza kanye nokuvikela izwe.
Isikhulu sakwa-Israel sithe uNdunankulu uBenjamin Netanyahu uzohlangana nekhabhinethi yezokuphepha ehlanganisa ongqongqoshe bezokuvikela, ezokuphepha kuzwelonke kanye noNgqongqoshe bezangaphandle ngoLwesibili ekuseni.

