IRwanda isidube inhlangano yesifunda ngenxa yesikhundla
by Anathi Mtaka
June 9, 2025
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Rwanda isiveze ukuthi izohoxa ku-Economic Community of Central African States (ECCAS), lokhu kugcizelela ukushuba kwesimo esifundeni mayelana nokuhlasela kwalo nyaka kwamavukelambuso e-M23 okunezinkulumo ukuthi asekwa yiRwanda empumalanga yeCongo.
IKigali (inhlokodolobha yaseRwanda) bekulindeleke ukuthi ithathe isikhundla sikasihlalo wale nhlangano enamalungu ali-11 emhlanganweni obungoMgqibelo e-Equatorial Guinea.
Esikhundleni salokho, lenhlangano igcine i-Equatorial Guinea esikhundleni , uMnyango Wezangaphandle waseRwanda wagxeka lesenzo njengokuphulwa kwamalungelo ayo.
