Now Reading
Ufisa ukuthola uxhaso obheke ukuba umpetha womhlaba
Dark Light

Ufisa ukuthola uxhaso obheke ukuba umpetha womhlaba

Lifonqa isigqoko kosomabhizinisi ukuba lithole uxhaso ibhokisa okubukeka ikusasa lalo liqhakazile, njengoba lilokhu liqhubeke njalo nokuwisa izimbangi zalo eringini.

Leli bhokisa nguNkosingiphile “The Prince” Sibisi waseDundee, ngeledlule unqobe ibhande le-International Boxing Federation (IBF) Flyweight lapho ehlule khona ngamaphuzu uLongyi Hu waseChina.

Ukunqoba kwakhe ngeledlule kusho ukuthi ezimpini ezili-11 azilwile esibhakeleni usezinqobe zonke.

“Ukunqoba kwami ibhande le-IBF International kusho lukhulu kumina, ngoba bekuyindlela yokuvuna izithelo ezinhle njengoba bekunzima ngesikhathi ngizilungiselela lempi. Lapho engiziqeqesha kubuqamama nalapho engihlala khona, okwenza kube nzima ukufinyelela. Indawo engijimela kuyona eyaziwa ngokuthi iseSibongile Boxing Gym, indawo engenazo izinto eziningi zokuziqeqesha. Ingakho ngithi ww osomabhizinisi abakhona ngiyafisa ukuthi belule isandla bengilekelele kanye nabafowethu nodadewethu esiziqeqesha nabo. Lukhulu uthando esinalo ngalo mdlalo, ikhono sesilivezile liyadinga ukuba lesekwe” kusho uSibisi.

USibisi uma elwa unobunono bekati njalo mayephuma eringini uphuma eshiye wonke umuntu ebambe ongezansi. Ungowokuqala esifundazweW2sswwni iKwaZulu-Natal ukuba aphathe ibhande leSA Flyweight.

Ngaphandle kwe-IBF International uphinde aphathe ne-ABU All Africa kanye neSA Flyweight, kanti useke waba ngumpetha wesifundazwe iKwaZulu-Natal.

See Also

Ngesikhathi elaboHlanga lihambele iSibongile Boxing Gym ezinyangeni ezedlule lazibonela indawo lapho uSibisi namanye amabhokisa angaphansi kweHlula Dladla Boxing Promotions neHle Jobe Boxing Promotions eziqeqesha khona.

“Yize bentula abaxhasi kodwa mina nozakwethu siyaqhubeka nokuphokophela phambili. Sinenqwaba yompetha abaqhamuka lapha eMgodini. Uma kungathiwa sithola abaxhasi angingabazi ukuthi kuningi esingakuzuzela iDundee nesifundazwe iKwaZulu-Natal” kubeka uSibisi.

Scroll To Top