Now Reading
Kunomuzwa wokuthi umfokaSamuel zimthwele ngeqoma izinkantolo 
Dark Light

Kunomuzwa wokuthi umfokaSamuel zimthwele ngeqoma izinkantolo 

Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo eNkantolo yoMthethosisekelo odabeni oluthinta ukumiswa koMvikeli Womphakathi u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane nguMengameli uCyril Ramaphosa ezinkundleni zokuxhumana kubonakale kungathi abantu bese bevele besazi isinqumo. Ukukhuluma bekukuningi, ingxenye enkulu ibikusho kugcwale umlomo ukuthi iNhloko yabeHluleli uRaymond Zondo uyoma noRamaphosa kuze kube sekugcineni.

INkantolo yoMthethosisekelo ithole ukuthi uMengameli uRamaphosa obephenywa uMkhwebane wayenezizathu ezinqala ngokuthi ammise esikhundleni. Inkantolo yoMthethosisekelo ithe uMengameli uRamaphosa akukho ayezokuzuza ngokumisa uMkhwebane. Ozibiza ngoMusician ubhale kanje kuTwitter: “Sikanye nawe zikhathi zonke Ndlovukazi, qhubeka nokuveza obala inkohlakalo, okwenzekile yinto ebesiyilindele.”

UZiphora uthe kuyacaca ukuthi konke bese kuvele kuhleliwe njengoba nesinqumo sifundwe nguMehluleli wesifazane ukuze kuvalwe zonke izintuba zokukhala. “Akusekho okuningi esesingakusho ngaphandle kokuthi isiyohlangana evotini noKhongolose, futhi uma isagadla ngalobu buso siyoyicela ivuthiwe.”

See Also

Kukhishwa isinqumo sayizolo nje iNkantolo eNkulu eWestern Cape yayinqume ukuthi ukumiswa kukaMkhwebane kwabe kuphambene nomthetho. Lesi sinqumo sakhishwa inkantolo ngoMandulo wezi-2022. Izolo lesi sinqumo sichithiwe ngo-elethu yibo bonke abehluleli kule nkantolo. Isinqumo sifundwe iSekela likaMehluleli Omkhulu uMandisa Maya. “Kulesi sinqumo okuvunyelwane ngaso ngo-elethu, le nkantolo imile ekutheni kwakunezizathu ezibambekayo ngokumiswa koMvikeli Womphakathi.”

Scroll To Top