Kweqana izibiba: Ngabe ukuphuma inxiwa kuzomuweza?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuwona wonke amazwe abuswa ngaphansi kohlelo lwedemokhrasi nenkululeko yamaqembu ezepolitiki, ukuzalwa kweqembu elisha kuyawafaka amanzi emadolweni eqenjini elibusayo futhi kokunye kusuke kuzowushintsha umdlalo wepolitiki ikakhulukazi uma lifolosa ngabaxebuke kwelibusayo.
Ngesikhathi sikaMnu uJacob Zuma uKhongolose waklayeka phakathi ngokuzalwa kweCongress of the People (Cope). Umphumela walokho wahlala obala ngokhetho lukazwelonke lowe-2009, lapho i-ANC yalahlekelwa kakhulu iningi lahamba noMnu uMosioua Lekota.
Kwaba ngesifanayo ngokuzalwa kwe-Economic Freedom Fighters (EFF) okwathi ngokhetho lowezi-2014 yazixebulela nayo kuKhongolose.
Ukuguquka kwepolitiki
Kuleli sonto umbusazwe eNingizimu Afrika uguqukile emuva kwesimemezelo sowayenguNobhala Jikelele we- ANC uMnu u-Ace Magashule sokwethula iqembu lakhe elisha i-African Congress for Transformation(ACT).
Bese kuyisikhathi kubhekiwe ukuthi uMagashule uzoqoma kuphi njengoba ebebonakala njengenoni ku-EFF. Ekuphawuleni kwakhe kulokho, akakufihlanga ukuthi ikhona imihlangano aseke wayibamba nomholi waleli qembu uMnu uJulius Malema. Naye uMalema wakufakazela lokho kepha wangenaba.
Iqembu elisha
Ukuthula kwakhe isikhathi eside emuva kokukhonjwa indlela kuKhongolose kucacile ukuthi bekuhlelembela ukuzalwa kwe-African Congress for Transformation (ACT) ayibize ngeqembu labantu. Zisuka nje ebhandeni Siwubonile uKhongolose ugudluka endleleni nasesimisweni owasungulelwa phezu kwaso. Ushiye abantu ngemuva okuyibo abayisisekelo futhi abawa bevuka nawo uMagashule uzikhombisile ukuthi uzoba seduze kwabantu ngokwethula iqembu endaweni enomlando wepolitiki iVilakazi Street eSoweto.
Esika kwelijikayo ngeqembu lakhe uthe: “Siwubonile uKhongolose ugudluka endleleni nasesimisweni owasungulelwa phezu kwaso. Ushiye abantu ngemuva okuyibo abayisisekelo futhi abawa bevuka nawo.”
UMagashule uzibophezele ekusebenzisaneni nabantu kuyona yonke imikhakha yempilo. Lena bekuyinkulumo eyejwayelekile kosopolitiki lapho besungula amaqembu amasha okuthi ngokuhamba kwesikhathi kushintshe ukukhuluma.
KuMagashule kubonakale kwehlukile njengoba bekubhebhezela amafulegi anamagama ezifundazwe ezihlukene okungamalungu eqembu kusuka e-Eastern Cape, KwaZulu-Natal, eGauteng kuze kuyoshaya eFree State.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnu u-Omry Makoale ubone okwehlukile ngoMnu uMagashule ne-ANC. Ekuphawuleni kwakhe uthe uma ezoya ngokuthi uyayazi i-ANC angeke alibone elidlalayo ngoba kusekhona abantu abaningi abasakholelwa kuyo.
“Into eyodwa eyenza uKhongolose uhlehlelwe zikhuni inkohlakalo edla lubi. Uma uMengameli uRamaphosa engakwazi ukulwa nenkohlakalo nezimpande zayo ezinhlakeni zaleli qembu lingakwazi ukuphunyuka kulo mgoga okhandelwa wona amaqembu aphikisayo ngokhetho lwangonyaka ozayo,” kuphetha uMakoale.
Inxeba elingajuqa uKhongolose
Umbuzo omkhulu manje ngothi ngabe uMagashule angaba yini yinxeba elingajuqa uKhongolose njengoba uxhugela.
Kukhona nokuthi engabe yena uzoqoma ngakuphi njengoba kulezi zinsuku kukhulunywa ngokubambisana emaqenjini ezepolitiki nangale kokhetho ngenhloso yokuvimba i-ANC ekutheni ikwazi ukuzishintshela umathanda imithetho yokuphathwa kwezwe.
UMagashule njengomholi owazi kakhulu uKhongolose kungenzeka awasebenzise wonke amathuba angaqhamuka ukuze awuginge ngokhetho lowezi-2024.
Ukungangeni kwe-Economic Freedom Fighters kumbimbi lamaqembu aphikisayo azimisele ngokubhincisela nxanye uKhongolose kushiya imibuzo ngokuthi kungenzeka yini iZitoyitoyi zibe wumbimbi neqembu likaMagashule.
Ukumenyezelwa kwaleli qembu akungatshazwa ukuthi kuzoba nawo umthelela okhethweni, kushayeke kakhulu namaqembu asanda kusungulwa abebheke ukuthatha amavoti ku- ANC.
Ukuvunguza komoya we- ACT kuzwele eqenjini elibusayo KwaZulu-Natal njengoba sekube nemibiko yokuthi lixoxisana nowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma ukuba alisize ekukhankaseni ngonyaka ozayo.
Phakathi kubaholi agadla ngabo uMagashule kukhona uMnu uBerning Ntlemeza
owake waba yiNhloko yoKlebe. Ukuvumbuka kukaNtlemeza kwezepolitiki kushaqisile kodwa kwabaningi bambona njengozoba ngusomaqhinga kuleli qembu njengoba esebenze iminyaka kuhulumeni nakwezobunhloli.