Kuqhubeka kushicilelo olwedluleLapho engatholi ukwesekwa ngalo mqondo wokubeka uDinuzulu, wasesabisa ngokuphaka impi iyovumbulula uCetshwayo ehlathini.…...
Izingxoxo zazizinde futhi zilukhuni phakathi kwababusi naphakathi kukaCetshwayo noHulumeni kaGladstone.
Kwakukubi ngokwanele ukuthi amaNgisi ayesephendule uZulu ohlala phesheya koThukela izimpabanga kodwa lokhu kuhlanjalazwa okunjena kwakungakaze kubonwe nanini.
Ukumehlisa isithunzi ngokwedlulele, bamphoqa ukuhlala ethendeni elinamagumbi amabili kuphela namalungu esifazane amane asebukhosini.
AmaNgisi ayengakholwa ukuthi ayenganqotshwa isizwe somdabu e-Afrika. Base bejezisa uhulumeni kaDisraeli ngokukhetha iLiberal Party yomdodovu uWilliam Gladstone ngoMbasa we-1880
Kanti abanye abanikezwa “ imibuso” yize babebhekene namaNgisi ngokuzikhandla kwakunguMgojana Ndwandwe ( owayeganwe nguMntwana uMbixambixa…...
UWolseley wabatshela ukuthi kwasekuzobusa imithetho yomnqamulajuqu nokuthi umbuso wakwaZulu wawungeke usaba njengoba bewazi. Waseqhubeka wathi…...
Uhambo lokuya ejele leNkosi uCetshwayo aluphelanga oNdini. Bamhambisa ngezinyawo ibanga elalingamakhilomitha cishe ayeyi-140 ukuyofika ogwini lapho ayelindwe khona umkhumbi.
Abantu abaningi bahlukunyezwa ngendlela eyayinonya, bashiselwa nemizi kodwa iningi labo laqoma ukufa kunokusikhaphela iSilo samabandla…...
Abanye babo kwakungamakholwa ayevela eDriefontein, eMnambithi, eNdaleni eduze kwaseRichmond naseDindela. Abaholi bawo kwabe kunguStephen Mini,…...