AmaNgisi abeka imithetho eyayizolawula uZulu


UWolseley wabatshela ukuthi kwasekuzobusa imithetho yomnqamulajuqu nokuthi umbuso wakwaZulu wawungeke usaba njengoba bewazi. Waseqhubeka wathi:
- Izwe likaZulu lalizohlukaniswa kube nemibuso eli-13
- Kuqokwe inkosi yale mibuso ngamunye
- La Makhosi ayezobusa imibuso yawo
- INkosi ngayinye yayizoqala ukubusa lapho isisayindile noma yenze uphawu embhalweni ababewunikiwe
- Ngayinye yayizobusa emingceleni eyayiyatshelwe
- Akekho owayezobutha amabutho
- Bonke abesilisa bangaganwa noma yinini ngaphandle kokuya enkosini
- Wonke umuntu wayengazihambela ngokuthanda ukuyozifunela umsebenzi
- Izikhali nezinhlamvu zazingavunyelwe emibusweni
- Awukho umphefumulo owawuzothathwa ngaphandle kokuthethwa kwecala ngokufanele. Isigwebo sasiyokhishwa umkhandlu wezinduna.
- Ababefunwa ngumthetho wobulungiswa bamaNgisi kwakufanele banikelwe
- Akukho masosha amaNgisi ayengaquliswa amacala yinkantolo yabendabuko
- Akukho mhlaba owawungadayiswa
- Kwakuzoqokwa ozobe emele i-England KwaZulu owayezonakekela ukulawulwa kwale mibuso eyali-13.
- Ukulandelana kwamakhosi kwakuzonqunywa ozobe emele i-England KwaZulu
Waqedela inkulumo ngokuthi abantu ababeseka amaNgisi empini babezohlonyuliswa ngodedangendlala womhlaba, ngaphandle komhlaba wabaQulusi nowabaseMgazini enyakatho yoPhongolo. UWolseley kazange achaze ukuthi imingcele yayizodwetshwa kanjani noma kungani ezinye zezikhulu zakwaZulu ezaziphikisana namaNgisi zanikezwa imihlaba nazo zenziwa iziphakanyiswa ezazizobizwa ngaMakhosi.
Kwakukubi ngokwanele ukuthi amaNgisi ayesephendule uZulu ohlala phesheya koThukela izimpabanga kodwa lokhu kuhlanjalazwa okunjena kwakungakaze kubonwe nanini.
Wonke amaZulu ayezibuza umbuzo owodwa vo “ Wayezokwenzenjani uShakla kulokhu?” Kunjena nje , uZulu wayephethwe yiphango, uCetshwayo wayegxunyagxunyiswa emajukujukwini ezilwandle eqashwe yizinduna zezimpi zamaNgisi belibangise ejele laseKapa. Kwakuzobekwa nalabo ababengewona amaZulu. Umshushisi wezikhali omhlophe uJantoni owahlubuka kumaZulu ngeyaseSandlwana, wanikwa udukathole “ wombuso” owawudlula wonke ngaseShowe. AmaNgisi azama nokumqoka abe “ YiNgonyama yamaZulu” kodwa wanqaba.
Omunye owenziwa iNkosi kwakunguHlubi inkosi yesizwana saBatlokwa uhlanga olungelona olwabeNguni. Wanikwa “ umbuso” wesibili ngobukhulu enyakatho nendawo kaJantoni egudla uMzinyathi neNcome. AmaNgisi ayemkhonze kabi uMntwana uHhamu kaNzibe kaSenzangakhona ngoba walwa ohlangothini lawo eSandlwana eholwa nguKheneli u-Evelyn Wood.
Kodwa bamnika “ umbuso” owawumncane kunalabo ababengewona amaZulu enyakatho yakwaZulu. Yize uZibhebhu wayelwe ohlangothini lukaCetshwayo eSandlwana nasoNdini wanikwa “umbuso” owawunabantu abagqagqene endaweni eyayizintaba namawa empumalanga “kombuso” kaHhamu. Inkosi uMlandela Mthetwha wanikwa “umbuso” owawugudla ugu enyakatho kukaJantoni.