Now Reading
Ukuboshwa kweSILO uCetshwayo kwasho ukushintsha kwezinto KuZulu
Dark Light

Ukuboshwa kweSILO uCetshwayo kwasho ukushintsha kwezinto KuZulu

Kuqhubeka kushicilelo olwedlule: Lokho kwabangela uqhekeko Phakathi kwaBathethwa ngoba babecabanga ukuthi wayebalekile ngoba vele uStimela nguyena owayefanele ukuba yinkosi.

Base bayaluthatha loludaba balusa kuMalimede okwathi ngemva kophenyo olufushane, wanquma ukuthi uMlandela kwakunguyena owayefanele ukuphatha ubuKhosi, hhayi uStimela. Wasethumela uJantoni ukuyosusa uStimela. UJantoni wabona ithuba lokwandisa imfuyo yakhe. Wafike wadubula uStimela bukhoma kanye nabalandeli bakhe ababengaphezu kwama-200 mahlaze. Wabesephanga izinkomo zasebukhosini bakwaMthethwa ezazingaphezu kwezaziyi-2500.

Kodwa uMalimede kazange amjezise uJantoni ngoba wathi wayezivikela yena, yize kwakunofakazi ngokwehlukile. Ukuhlushwa kwabantu kwadlondlobala kanti uHhamu yena wayehamba phambili, wabulala amakhulu abantu, okwahlaa ngisho nabamhlopje. Ukubulawa kwabaQulusi abaningi kwamphoqa uMalimede ukuthi abize iMbizo kazwelonke emzini wakhe owawuseNhlazatshe mhla zingama-31 kuNcwaba we-1881. Bavumelana ukuthi kuzoba nodaba olulodwa kuphela olwaluzodingidwa, ukuphathwa kabi kwabantu ngamakhosi amasha.

Isizwe sasiholwa nguMntwana owayekhethelwe ubukhosi uDinuzulu esekelwe ngabantwana uNdabuko,uShingana, uZiwedu, uDabulamanzi, uMaduna kanye noMnyamana Buthelezi noDikane kaXamu Mbatha. UDikane wayesemdala kangangokuthi wathwalwa ngesikhumba. Ngemva kokulalela isikhalazo sikaZulu, uMalimede waba nesibindo sokuma phambi kwezinkulungwane ngezinkulungwane zamaZulu angasiphenduli isikhalazo sawo. Kunalokho ngale kokunanaza, wamemezela ukuthi abaNtwna uDinuzulu, Ziwedu kanye noMaduna bahambe bayokhonza ngaphansi kukaJantoni. Wasethi futhi uma babengavuma bobathathu ukuyokhonza ngaphansi kukaJantoni, izinkomo zasebukhosini ezazithathwe nguZibhebhu zaziyobuyiselwa zonke ziphelele.

See Also

UMnyamane wazama ukuphikisana nalokhu kodwa uMalimede wamthulisa ngesankahlu, wamtsheka ukuthi angalinge avule umlomo wakhe ngoba wala ukuba yisiphakanyiswa noma ukuyohlala ngaphansi kukaHhamu. Ngalawo mazwi ayegcwele indelelo uMalimede wawuvala umhlangano wathi bonke abantu baphele emehlweni ache. Kwakungathi isixuku sasishaywe umphezulu, umoya washuba. Kwaba noyedwa owahuba ihubo lesizwe njengoMkabayi uma esebenzimeni. UZulu wayehluleka nje ukucabanga ukuthi izinyane leSILO uDinuzulu lalinhaphenduka umuntukazana nje, likhonze ngaphansi komlungu wenkabi oqwayengathembakali. Kancane kancane bahlakazeka, behuba ihubo lesizwe, kwacaca ukuthi izinto zazingaseyuphinde zibe njengenjwayelo futhi.

Bafika emakhaya bazilungiselela ukuvukela umbuso wamaNgisi obala ukuthi babefuna ukuthi iSILO uCetshwayo sibuyiswe. Kwathi sifika eKapa iSILO uCetshwayo imigwaqo yayigcwele amehlo ayefuna ukuzibonela iqhawe lenkosi yakwaZulu eyahlaza umbuso omkhulu wamaNgisi. Ukumehlisa isithunzi ngokwedlulele, bamphoqa ukuhlala ethendeni elinamagumbi amabili kuphela namalungu esifazane amane asebukhosini.

Scroll To Top