Bakonyeliswa abalekelela amaNgisi ekunqobeni uZulu ( Kuqhubeka oshicilelweni olwedlule)

Kanti abanye abanikezwa “ imibuso” yize babebhekene namaNgisi ngokuzikhandla kwakunguMgojana Ndwandwe ( owayeganwe nguMntwana uMbixambixa kaMpande ) uMzulu owayebizwa uFaku, uGawozi, uMfanawendlela Zungu, uMgitshwa Biyela ( uyise owayewontanga noMgobhozi belwa bonke ngenkathi uShaka ebumba isizwe) , uFaku, uSekethwayo kaNhalaka Mdlalose (owayeyinduna kaMkabayi) noNtshingwayo kaMahole Khoze owahola eyase Sanldeana. Lamakhosi ayekhojhelwa opondo ababengama-50 (R600 ngemali yanamuhla) ngenyanga. Kanti amanye ayethola imalieyayithe xaxa okwakuxhumeke ekutheni babemthengise kangakanani uZulu emaNgisini. Lokhu kwadala izinkinga ezintsha ngoba kwakusho ukuthi amakhosi oselkwa ayesexoshiwe. Izinkabi zabaBatlokwa ezaziyingxenye yombimbi lwamaNgisi ezazinemizi eyayizidleke zikathekwane eNtabazwe, zabongwa ngokuyobekwa enkabeni yombuso kaZulu kwaNobamba.
Zanikwa nomhlaba wamaQungebe ngaphansi kwenkosi uSihayo kanti ingxenye yomhlaba kaSekethwayo waseNquthu bawunikezwa njengamasonda. Yingakho abakhuluma isiSuthu basekhona kulezondawo nanamuhla.
UWolseley wayesememezela owayezomela iNgilandi KwaZulu uSir Melmoth Malimede Osborn owayezoba ngamehlo nezindlebe zeNgilandi KwaZulu. Engeneme enjalo uZulu kepha wakuqonda ukuthi ukungabibikho kwempi kwakungasho ukuthi kwakunoxolo. UZulu waseqoma ukunganqaphazi. Kanti futhi wayefanele ukuzihlela kabusha ngoba isinmo sasesehlukile manje, kwathungathwa ukudla, waqala nokuzilungisela ukuzivikela kodwa ngomshosha phansi.
Kodwa kwathi lapho abantu bethokozela ikhefana “loxolo” iziphakanyiswa zansondo zabeka imithetho eyayiqinile. Kwabekwa intela eyayiyokhokhwa ngqo enkosini okwakuba yizinkomo, kanti imizi yayihlala ibhekiswa phezulu kucingwana nezikhali noma kuthiwe wukufunwa kwezinkomo zikaCetswayo ezebiwa laphjo edingiswa. Labo ababenqaba babedutshulwa khona lapho, futhi lamakhosi ayezithathela imfuyo yabantu ngodede. Ezinyangeni ezazimbalwa zemibuso eyayimisha, umkhandlu omkhulu wezezimpi nowenkosi wabamba umhlangano. Lomhlangano waqoka uMnyama kaNgqengelele Buthelezi ukuba ahole “ udaba lukaCestwhayo”
UMnyamana wayeselayela izithunywa zasebukhosini uMgwazeni Khumalo uyise uDonda owayesondelene noShaka, uMfunzi Xulu noMntwana uMaduna kaMpande ukuthi baye ePietermaritzburg beyofuna uhlu lwamacala ayebekwe uCetshwayo. Kanjalo nesizathu sokuba amaNgisi angafuni ukuthi kuphathe isende likaSenzangakhona. Lapho zifika eMgungundlovu, ngokuqholosha okukhuluy amaNgisi abatshela ukuthi kwakuzovunyelwa isende likaMpande kuphela ukuba liphathe. Aqhubeka athi elika Senzangakhona lalizovunyelwa ukuphatha esikhathini esizayo esasingaziwa, nalapho laliyophatha esiqeshaneni nje sendawo eyayingenamingcele amaNgisi ayibiza oSuthu. Nakhona lapho Amandla ayo ayezofana naweziphakanyiswa. UZulu washaqeka ngale mpendulo, wasethumela izithunywa ezazimkantshubomvu ePietermaritzburg kanye nabaNtwana uNdabuko, Dabulamanzi kanye noShingana. Bafika ePietermaritzburg mhla zingama-24 kuNdasa we-1880 kodwa amaNgisi abangabanaka.