Ukudunguzela kweSILO uCetshwayo nokuboniswa ngoMamonga
Kuqhubeka kushicilelo olwedlule
Lapho engatholi ukwesekwa ngalo mqondo wokubeka uDinuzulu, wasesabisa ngokuphaka impi iyovumbulula uCetshwayo ehlathini. Lokhu kwakuyizaba nje lokuthi abulawe kulokho kuthungathwa. Wathi wayezovuma ukuphuma ehlathini uma uMalimede wayezomvumela ukuba ayohlala eSigodlweni sakwaGqikazi eduze neMatigula Eshowe. Wala uMalimede, uCetshwayo wagcina ebusela emzini kaKhekhe, umngane wakhe omdala Eshowe. Ubudlelwano bukaMalimede noCetshwayo kwakungukukhohlisana ihlomile nje, babehlala beba nemihlangano ngoba amaZulu akholelwa ukuthi kusemqoka ukuxoxisana nesitha. Ngemuva kweminye yale mihlangano, uMalimede wamcela ukuba badle isidlo sasemini, kwathi kusadliwa nje waquleka uCetshwayo kodwa wabuya waphaphama.
Emva kwalokho impilo yakhe kayizange iphinde ilunge. Wakhononda ngokuhlushwa yisisu unomphela. Ngelanga uCetshwayo agoduka ngalo emhlabeni wabiza uShingana, uNdabuko, uDabulamanzi noZiwedu, uMkhandlu Wenkosi kanjalo uMnyamana noMankulumana. Waseqinisekisa wagomela kubo ukuthi uDinuzulu nguyena uMntwana owayekhethelwe uBukhosi, waseyibiza indodana yakhe eyayidabuke kakhulu ukuthi isondele. Izinyembezi zikaDinuzulu zazigobhoza zehla ezihlathini ezazimthuqasana, weza ehamba ngokungabaza eya kuyise. UCestwhayo wathi uDinuzulu amthembise ukuthi wayezoziphindisela kuZibhebhu, angayeki aze amnqobe. UDinuzulu wanqekuzisa ikhanjana lakhe njengoba izwi lalingasakwazi ukuphuma ezindebeni zakhe ezaziqhaqhazela.
Kwathi selibantu bahle mhla ziyisi-8 kuNhlolanja ngowe-1883, iSILO uCetswhayo uJinindi Omnyama, uMagwegwe kaShaka kaSenzangakhona wakhothama emzini kaKhekhe owawubizwa kwaJazi Eshowe. Ngaphambi kokuba umzimba wakhe ufakwe ebhokisnii wagoqwa ngesikhumba senkunzi emnyama sathelwa nangenyongo yembnuzi ekhanda njengoba wayeyiSILO. UMkhandlu Wenkosi wase ubeka uNdabuko njengoba uDinuzulu wayesemncane kakhulu ukuba yiNkosi. UCetshwayo wakhothama engazanga ukuthi uNdlunkulu uSilomo kaQethuka Magwaza wayebelethe indodana, uManzolwandle.
ONdlunkulu ababedabukile kakhulu oNompaka, Nomvimbi nabanye babekholelwa ukuthi uSikhotha owayeyibutho logqayinyanga i-3rd ANNC ngaphansi kukaLonsdale ohlangothini lwamaNgisi eSandlwana wanikeza uMalimede ubuthi obabulala umnyemi wabo.
Base bephuthuma beyoziphindiselela. Kwathi laapho uMalimede ebabona benukelwa yigazi beqonde kwakhe kwaphela konke ukuzikhukhumeza kweNgisi wena owalibona e-Afrika lizenza ngcono libalekela isifazane samaZulu esasingahlomile ngehhashi. Kwakungezibukwayo oNdlunkulu bephula konke endlini kaMalimede, baze bagibela naphezu kwendlu bayidiliza ngezandla, bememza. UMalimede wala ukuthi uCetshwayo atshalwe eduze nokhokho bakhe eMakhosini wathi atshalwe Eshowe. Kodwa abasebukhosini bashaya ngonyawo phansi.
Ikholwa elalinguHambangana wabalekelela ukufaka umzimba kaCestwhayo enqoleni yakhe. Inhloso kwakungukuthi bawushushumbisele eMakhosini kodwa umgwaqo ababefanele ukuwusebenzisa wawuqashe ngamasosha amaNgisi. Ngakho-ke kwakudingeka ukuthi kusetshenziswe indella ethathelayo eyayinqamula ehlathini laseNkandla. Ngeshwa inqola yafa yaphela emahhelekehleni asehlahlathini. UCestwhayo wagcina etshwalwa ekujuleni kwehlathi laseNkandla nezinye zezinto zakhe. Watshalwa eduze komfudlana iNkunzana endaweni yesizwe sakwaShezi. Lapho esesekhona nanamuhla.
ISILO uDinuzulu kaCetshwayo
Kwathi ngelinye ilanga selithambeme ngonyaka we-1868 uCetshwayo esacambalele, wavakashelwa abakubo. Babemtshela ukuthi oNdlunkulu abathathu babezethwele abafana, kodwa indodana kaNomvimbi kaMsweli Mzimela nguyena owayezoba nguMntwana okhethelwe uBukhosi. Futhi kwakufanele ukuthi ambize ngoDinuzulu ngoba amathongo ayethukuthele izimpi zombango ezimbili. OkaMsweli wayehlala esigodlweni sakwaGqikazi ngaphansi kweso elibukhali loMntwana uMbixambixa owayeqaphe igugu likazwelonke Inkatha. Abanye oNdlunkulu ababekhulelwe kwakungu okaMadwala owayehlala esigodlweni saseziHlendleleni okaMagoda yena wayehlala esigodlweni sakwaNobamba.
Nangempela babeletha abafana ngesonto elilodwa, kodwa amadodana kaMadwala nokaMagoda ahamba emhlabeni enezinyanga ezimbili ubudala. Ukuqinisekisa ukuthi akukho okubi obabuzokwehlela uDinuzulu waqashwa yithimba labesilisa abayisithupha, uNobiyana kaMholo, Ntwayibana kaKhwani, Mpatsha kaMadwala, Lwezi Ntombela, Sitambi kaMasiphula nengwazi endala uSikhobobo kaMababakazana. UDinuzlu waphathiswa okweqanda uyise embiza uMamonga woSuthu noma uMahelana asoNdini olubomvana.
Wakhula waba uswahla lensizwa elibhungu elalimpofu ngebala, linezimbokodo zamehlo ayevutha umlilo uma ethukuthele. Wayekhulumela phansi ehlala emamatheka kanti izindlebe zakhe zazihlotshiswe ngeziqhaza ezinde. Wayethanda ukugaxa umyezana wakhe owawungamamitha ayemahlanu ngobude unezindondo ezaziyinkulungwane zasempini. Kwathi esekhulile wayingwazi futhi enobuchule bamasu efuze umkhulu wakhe uShaka.
Umyezana kaZulu wawumuhle kangangokuthi ekuhambeni kweminyaka ngemuva kokuboshwa kwakhe, umsunguli weNhlangano Yamavulandlela Abafana uLord Robert Baden Powel wazintshontshela wona lomyezana wenza isakhiwo ibheji lokhuni lamavulandlela labafana. Impilo kaDinuzulu yayinezigameko ngoba kwathi eneminyaka eyali-11 ubudala wayeseke wabalekela izitha zikayise epjile emahlathini njengowayebalakela, ebone ukungqonmgqiswa komuzi kayise oNdini Kabili. Yingakho lapho esephatha umbuso wayeseqonda kahle isimo esasimanzonzo.
Kwakungasafani nesikhathi kubusa unkhula wakhe uShaka noma uyise uCetshwayo. Unina omzalayo okaMsweli wayeyibutho kanti wayeseke wahola amabutho ezimpini eziningana. Walwa ngokuzikhandla empini yabaNtwana eNdondakusuka, laphjo iziGqwoza zika Mbuyazwe zabulala uyise uMsweli Mzimela. OkaMsweli wakha isigodlo saseNyokeni lapho atshalwa khona. Kanti umlando wakhe ukhunjulwa ngomgubho woMkhosi WoMhlanga waminyaka yonke okuwumkhosi wezintombi, lapho kutheleka khona izintombi ezingaphezu kweziyizi-20 000.
Impilo kaDinuzulu yayingafani nawo wonke aMakhosi akwaZulu angaphambilini ngoba wakhula eduze nabelungu ikakhulu amaBhunu ayekhonze KwaZulu. Wakhula bedlala bonke imidlalo yezingane osebeni lwemifula nasemadlelweni lapho babelusa izinkomo zoyise. UDinuzulu wacabanga ukuthi wayebazi futhi wacabanga ukuthi wayengabathemba. Wazitshela nokuthi ngoba naku wayezoba yiNkosi uma esekhulile, babeyoma naye uma kwakufanele bakhethe phakatyhi komhobholo wabo ongunaphakade womhlaba nemfuyo. UDinuzulu ukhula nje unentshisekelo yokufeza isethembiso asenza kuyise. Kanti wayefuna nokukhombisa amaNgisi ukuthi noma ngabe izwe lamaZulu lalidliwe kakhulu, ugqozi lokulwa kwamaZulu aluzange lushabalale noyise uCetshwayo.
Kazange alinde ukuba yiNginyama ngaphambi kokuziphindisela kuZibhebhu, kwathi lapho kuvuleka intuba waviva amabutho kayise nezinkabi zamaBhunu. Kwakumbandakanya iBhunu uLoius Botha ayekhule nalo eduzane emapulazini aseMsinga owayekhulu uma isiZulu. Nguyena lo Loius Botha owaba nguNdunankulu wokuqala weNingizimu Afrika ngowe-1910. ULoius wayemshiya ngeminyaka eyisithupha kuphela, futhi ebiza uDinuzulu ngomnawabo. Wasemsiza nokubutha ezinye izinkabi zabelungu ngoba iziNgqoza zazihlome ukudlula uSuthu.
ULucas Meyer (Lukhazi) uPaul Bestwer noLoius bahola izinkabi zamaBhunu ezazingama-800 kanti u-Adolph Scheil wahola izinkabi zamaJalimane ayevela esigodini saseLuneburg bonke bakha ibutho labazinikela kuDinuzilu.
Amabhunu ameseka uDinuzulu ngoba ayezonda amaNgisi engazenzisi kanti uZibhebhu wayesekwe amaNgisi babehlanganiswe ukuthanda izinkomo nomhlaba ngokweqile. Isivumelwano kwakungukuthi uDinuzulu wayezokhokhela amaBhunu namaJalimane ngezinkomo kodwa bafuna isiqiniseko sokuthi babezozithola izinkomo zabo ngemva kwempi. Ngakho-ke bathi makabekwe esihlalweni sobukhosi bengakayi empini ukuze kungabi nambango ngemuva kwempi.