Now Reading
UMasipala waseMzumbe ukomelise abafundi abenze kahle kumatikuletsheni
Dark Light

UMasipala waseMzumbe ukomelise abafundi abenze kahle kumatikuletsheni

UMasipala waseMzumbe ubambisene nomnyango weZemfundo ngaphansi kwesiFunda UGU ukomelise abafundi abaphumelele ngamalengiso kumatekuletsheni nyakenye, kanye nezikole ezintathu okuyizo ezibaqwaqwade zonke emakhanda.

Lo mcimbi ububanjelwe eMPCC ngaphansi kuka-Ward 07.

Izikole eziphume phambili kube iMgamule High School, kwalandela iSiyakhula Secondary School kwase kuba iMqhakama High School.

Umfundi okunguye obaqweqwade bonke kuloMasipala oholwa uMnu Bongani Nyuswa ngaphansi kwe-ANC, kube uTonia Dwayisa obefunda eKhathi High School nogoduke nezinkulungwane ezili-R10. UTonia ube eselandelwa uLindokuhle Nyawose waseLuthuli High School ogoduke nezinkulungwane eziyi-R8 kwaba Unako Mbhele yena ofunda eMthwalume High School othole izinkulungwane eziyi-R7.

Nabanye abayisikhombisa ababalwayo kulaba abali-10 abahambe phambili bayitholile inkece, ngaphandle kwayo bathole izitifiketi kanye nezindondo.

See Also

“Izikole zaseMzumbe zizonke zenze kahle ngendlela emangalisayo. Imiphumela yamatikuletsheni yezikole ezingaphansi koMaspala waseMzumbe isitshengisa ngokusobala ukubaluleka kokusebenza ngokuzikhandla kanye nokubambisana. Sifisa ukubonga abazali kanye noThisha ukuzinikela ekwakheni isizwe sakusasa. Siyazi ziyaba khona izingqinamba ebudeni bendlela kepha sifisa ukusho ukuthi imisebenzi yenu emihle iyabonakala”,kubeka uSothwebhu wamakhansela uKhansela Sibongiseni Cele.

Ukhansela Sibongiseni Cele ugoqe wathi “Umuntu uyazakhela indlu aphinde azibhidlizele yena. Impumelelo yenu bantwana ilele ezandleni zenu noma senifikile ezikhungweni zemfundo ephakeme nikhumbule emumva lapho niphuma khona lokho kuyonisiza ukukhumbula isizathu enisiyele emaNyuvesi. Sisonke Ngokubambisana isiFunda Ugu izohlala ihamba phambili”.

Scroll To Top