Akahlonishwe esadla anhlamvana uBabsy Mlangeni
Sekuyinto engathusi eNingizimu Afrika ukuthi uma kudlule emhlabeni iciko kukhalwe nxa zonke yize lelo ciko belingaziswa lisadla anhlamvana. isililo esikhulu sivamise ukuqhuma zwakala kulabo abasemandleni abasuke benazozonke izindlela nezinsiza zokubhekelela kodwa ngenxa yokuthi izwe selaba ngohlohlesakhe kucwebe iziziba.
Elinye iciko iNingizimu Afrika enenhlanhla yokuba nalo uBernard Babsy Mlangeni okuncane kakhulu uzwa kukhulunywa ngaye ingasaphathwa eyokudlalwa komculo wakhe emsakazweni. Okwamanje sisodwa isiteshi esivamise ukudlala izingoma zika mfo kaMlangeni.
Kuba Izwi Lomzansi ohlelweni lwangoLwesihlanu olushayelwa uPat Zondi, Ezakudala. Ngesikhathi inhlangano engenzi nzuzo yaseSoweto, eGoli imenzele idili ngosuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engama-82 zingama-24 kuNhlolanja nonyaka, ezibongela uMlangeni wathi akaziboni ehlisa igiya emculweni yize iminyaka isihambile.
Leyo nkulumo yaba ngubufakazi bokuthi leli ciko libizelwe emculweni. UBabsy ulimele leli lizwe esebenzisa iphimbo lakhe ngezikhathi ezinzima zengcindezelo. Ngesikhathi amaqembu ayelwala unkululeko evalwe umlomo waba ngelinye lamaciko elingazange lanqikaza ukusebnzisa umculo engakhulumi nje ngokukhululeka kweNingizimu Afrika, kepha ehlaganisa lonke izwekazi i-Afrika.
Engomeni yakhe eyashisha izikhotha eyaphuma ngonyaka wezi-1983 ethi, Music was Born in Africa, wayekhuluma ngamagalelo ezwekazi ukuhlanganiseni izizwe nokuba yivulandlela le-Afrika emculweni yize ishaywa indiva. Maningi amanye amaqembu omculo alandela zinyathelweni zikaMlangeni ekhipha lengoma njengeManybeat, uDr Albany. Ezinye izingoma zakhe ezaduma iSoul of Babsy eyakhishwa ngowezi-1977, iNansi Lendoda 1979, Awukho Umsebenzi , 2006. Lo mculi owaba yimpumputhe eneminyaka eyi-6 akakaze azibone njengomuntu okhubazekile empilweni okwenza waba yisibonelo nakwabanye abakhubazekile ngezindlela ezihlukene.
Kuyoba kubi ngelinye ilanga uma edlula kulo mhlaba uMlangeni engakutholanga ukuhlonishwa okumfanele. Yini nje evimbayo ukuthi kube nesikhungo esiqanjwa ngaleli ciko kunokuthi njalo kubekwe phambili ukuqanjwa kwezikhungo ngamagama osopolitiki. Namaciko mkhulu ngokwedlulele umnikelo abawenza enkululekweni yalelizwe.
Ukube akubanga ukuzinikela kukaMlangeni emculweni ngabe namuhla asibazi abaculi abanjengoJacob ‘Mpharanyana’ Radebe, uKori Moraba, uSteve Kekana uWillie no Paul abavundululwa nguye. Ingcabha siyibeka kuHulumeni ngokusukuma uqhakambise amaciko anjengoMlangeni namanye kungathi lapho sekuzwakala izindaba zokuthi awasekho kuyima evuka emaqandeni.

