Sekushone amalungu amane eSANDF eDRC
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Sekuphinde kwashona amanye amasosha aseNingizimu Afrika amane eGoma, empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC), okwenza isibalo samalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) abulewe sifinyelele kwi-13 esikhathini esingaphansi kwesonto.
NgoLwesihlanu olwedlule, kwashona amasosha ayisishiyagalolunye aseNingizimu Afrika ngesikhathi kuliwa kakhulu namavukelambuso e-M23, asekuqinisekisile ukuthi aseyigwamandile iGoma.
Khonamanjalo, i-SANDF selokhu yahlangana nemindeni yamasosha abulawa ngesonto eledlule. Okhulumela i-SANDF uSiphiwe Dlamini uthe isikhathi sokubuyisela amasosha akuleli asikacaci.
UDlamini uthe, “Esikwenzile kusukela kushone ozakwethu wukuthuma abefundisi bethu, osonhlalakahle, o kanye nongoti bezengqondo ukuthi bavakashele imindeni, bayazise futhi bayisekele nganoma iyiphi indlela, okuhlanganisa nangokomoya. Manje silindele ukuqinisekisa ukuthi imizimba zamalungu ethu ziyalungiswa eGoma futhi ibuyiselwe eNingizimu Afrika. Angikho esimeni sokukutshela ukuthi bazobuyiswa nini ngempela.”

