Isicelo esiphuthumayo sebhange IThala sihlehliselwe uLwesine



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.

Isicelo esiphuthumayo seThala SOC Limited sihlehliselwe uLwesine eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Isicelo sihlose ukusebenzisa umyalelo wenkantolo wangaphambili ovumela iBhodi leThala ukuthi lilawule ukusebenza kwalelibhange kanye nama-akhawunti asebhange. Udaba luvela njengoba iPrudential Authority iqhubekela phambili nesicelo sayo sokuqedwa kwesikhashana (Provisional Liquidation) kweThala.
Esitatimendeni soMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, sithe uNobhala weNkantolo eNkulu weluleke ukuthi umehluleli uNcube, obephethe leli cala, usekhefini kuze kube yinyanga ezayo.
Isicelo sokuvalwa kwalelibhange okuhlelelwe uLwesine kona kusazoqhubeka. UMnyango wengeze ngokuthi uMbhalisi uzokwazisa zonke izinhlangothi ezifanele uma uMengameli wabehluleli esenikeze zonke izeluleko.
Umqondisi wokukhokha kweReserve Bank uthole ukuthi IThala alinamali ngokomthetho futhi kalinamandla okusebenza, okubeke engcupheni abantu abangaphezu kwezi-200 000 abafaka imali ekulahlekeni okungenzeka. Isicelo sokuvalwa kwesikhashana, esizokuba mhla zingama-30 kuMasingana, siphikiswa yiThala, uMgcinimafa wesifundazwe, Ithala Development Finance Corporation kanye noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho wesifundazwe.