Now Reading
Ondini kukonyeliswe abafundi abenze kahle kumatekuletsheni
Dark Light

Ondini kukonyeliswe abafundi abenze kahle kumatekuletsheni

View Gallery

UMasipala wasOlundi nawo wenze osekwenziwe oMasipala abaningi okuwukukomelisa bafundi abenze kahle kumatekuletsheni nyakenye.

Kulo mcimbi obuyizolo nobubanjelwe eJames Nxumalo Agricultural School, kukonyeliswe abafundi abali-11 abaphase ngamalengiso kanye nezikole ezithole u-100%.

IMeya yakulo Masipala uMnu Wilson Ntshangase uthe: “Imfundo isemqoka kakhulu kuthina njengoMkhandlu ingakho nyakenye sabona kufanelekile ukuthi sinikele ngamasheke ka-R10 000 kuzo zonke izikole zamabanga aphezulu, njengoba umkhandlu wakhelene kakhulu namakhaya kanti nabanye abazali abasebenzi. Nakulonyaka sizophinde siklomelise izikole zonke ezithole u-100% ngamasheke ka-R10 000 ukubakhuthaza ukuthi baqhubeke benze kahle. Siphinde sakhipha uxhaso olu lingaselwa kwizinkulungwane ezingama-R290 oluzosiza abafundi ukuthi bakwazi ukubhalisa emaNyuvesi” kubeka iMeya.

Abafundi abali-11 abenze kahle ezikoleni zonke Ondini, bakonyeliswe ngezinkulungwane ezinhlanu umfundi ngamunye. Akugcinanga lapho kodwa bathole amaLaptop, izinkomishi kanye nezitifiketi.

See Also

Abaxhasi abafake isandla ekutheni lomcimbi ube yimpumelelo uMTN, FNB kanye noGreen Diamond.

Scroll To Top