Now Reading
I-South Sudan imisa ukusebenza kwezinkundla zokuxhumana
Dark Light

I-South Sudan imisa ukusebenza kwezinkundla zokuxhumana

Iziphathimandla zaseSouth Sudan zimise ukungena ezinkundleni zokuxhumana okungenani izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuba ama-video aveza izinsolo zokubulala esifundazweni i-El Gezira adala izibhelu kanye nokuhlasela okuyingozi kokuziphindiselela.

Lokhu kuvimbela bekumele kuqale ukusebenza phakathi kwamabili ngoLwesithathu, uNapoleon Adok, uMqondisi Jikelele weNational Communications Authority, ubhale encwadini yangoLwesithathu eya kubahlinzeki bezinsizakalo ze-inthanethi.

“Lokhu kuqubuka ngezinxushunxushu ezisanda kwenzeka eSudan, esezibeke abantu baseSouth Sudan emazingeni odlame oludlulele ngendlela engakaze ibonwe ngezinto ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana,” kubhala u-Adok encwadini ebonwe ngabakwaReuters.

Amakhasimende ezinkampani zomakhala ekhukhwini u-MTN South Sudan kanye ne-Zain ngeke akwazi ukufinyelela ku-Facebook, TikTok nezinye izinkundla isikhathi esingaphezu kwezinsuku ezingama-90, lezi zinkampani zisho ezitatimendeni ezikhishwe ngoLwesithathu. Okungenani abantu abali-16 baseSudan babulawa ngesonto eledlule ngesikhathi kuqubuka izibhelu enhlokodolobha yaseSouth Sudan iJuba nakwezinye izindawo ezweni.

See Also

Intsha emadolobheni amaningi yaphanga yacekela phansi izitolo zabantu baseSudan yashisa nemizi eminingi, kusho amaphoyisa, iziphindiselela ngalokho ekholelwa ukuthi ukubandakanyeka kwamasosha aseSudan kanye namaqembu adlelana nawo ekubulaweni kwabantu e-El Gezira. Ibutho laseSudan likugxekile lokho elikubiza ngokuthi kwenziwa ngumuntu siqu hhayi wona umbutho e-El Gezira.

Scroll To Top