Kuyokweqana izibiba ezingqungqulwini ze-Uefa Champions League
Aqhathiwe amaqembu azotholana phezulu kumaQuarter Final e-Uefa Champions League.
IReal Madrid okuyiqembu eliphethe izicoco eziningi zeChampions League ngeziyishumi nane itomule iManchester City evikela isicoco.
La maqembu ake atholana phezulu kumasizini amabili adlule kowandulela amanqamu alo mqhudelwano. Nangesizini edlule lezi zinkunzi zamaqembu ahlangane kowandulela amanqamu. ICity yabukisa ngeMadrid ngama-5/1.
IBayern Munich idonse i-Arsenal kwathi iBarcelona yabuya nePSG, i-Atletico Madrid izogadulisana neBorrusia Dortmund.
Imilenze yokuqala izodlalwa mhla ziyisishiyagalolunye kanjalo namhla ziyishumi kuMbasa bese kuthi imilenze yesibili idlalwe mhla ziyishumi nesithupha kanjalo namhla ziyishumi nesikhombisa kuMbasa.
Owamanqamu uzobanjelwa eWembley Stadium, eLondon, kwelamaNgisi mhla lulunye kuNhlangulana.
Eyandulela amanqamu izodlalwa mhla zingamashumi amathathu kuMbasa namhla lulunye kuNhlaba.
Quarter-finals:
- i-Arsenal neBayern Munich
- i-Atletico Madrid neBorussia Dortmund
- iParis St-Germain neBarcelona
- iReal Madrid neManchester City
Semi-finals:
i-Atletico Madrid noma iBorussia Dortmund nozonqoba phakathi kweParis St-Germain neBarcelona
i-Arsenal noma iBayern Munich nozonqoba phakathi kweReal Madrid neManchester City