Ifonqa isigqoko icela usizo intokazi ezomela iNingizimu Afrika eHungary
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Iswele uxhaso intokazi enyelwe inyoni esandleni ngokuthi iyomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano womkhalambazo ozokuba seHungary. Le ntokazi nguNqobile Msimang ozifekalayo ngomkhalambazo (Karate) ngelasemzini.
Lo mqhudelwano owaziwa ngokuthi iKarate World Championships, kulindeleke ukuthi ube mhla zingama-28 kuNhlangulana.
Le ntokazi eyazalwa KwaMashu, kodwa ngokomsebenzi esiyaba seNquthu ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi, itshele elaboHlanga ukuthi kukhona lapho esifonqe khona isigqoko inxenxa usizo.
Ithe isiphuma nakuMasipala waseNquthu oholwa uLindokuhle Shabalala, kuyimanje ihleli ethembeni ukuthi cishe isizakale.
“Ngikujabulele ukuthi ngiyomela iNingizimu Africa, kodwa ukuze uhambo lami luphumelele kumele ngithole ukuxhaseka. Usizo ngingalujabulela kakhulu ngoba okwamanje ayikho imali enginayo kodwa ngisafakile izicelo zoxhaso ngethemba lokuthi zizoba impumelelo kwazise kudingeka imali eshisiswe. Imali engidinga uxhaso ngayo eyendiza, eyokufaka isicelo seVISA, eyokukhokhela indawo yokulala mangifika phambili kanye neyokufaka imibala emihle yalapha eNingizimu Afrika” kusho uNqobile obeqeqeshwa uSensei Lameck Chamane ongasekho emhlabeni.
UNqobile oneminyaka yobudala engama-29 uveze ukuthi lo mdlalo wawuqala ngonyaka wezi-2004 lapho wabe eneminyaka eyi-8 esafunda emazingeni aphansi, okusho ukuthi uneminyaka engama-21 edlala lo mdlalo.
Ebuzwa ukuthi yini eyamheha ekuthandeni lo mdlalo uthe: “Into eyangiheha ukungena kulo mdlalo kaKarate umama ongizalayo wathi angiyowudlala ukuze ngizofunda ukuzivikela kanye nokungabi uvanzi. Into engayithanda kakhulu kulo mdlalo inhlonipho efundwa khona kanye nokuziphatha kahle. Yize esadlula emhlabeni umqeqeshi wami, kodwa njengamanje sengiziqeqesha mina kwesinye isikhathi ngike ngivakashele ezindaweni kodlalwa khona lo mdlalo ngiziqeqeshe khona”.
Imiqhudelwano eseke ayidlala kukhona eye-USSA(University Sport South Africa), lapho aphuma endaweni yokuqala kwi-Kata, uke wayidlala neyezifundazwe nakhona waphuma indawo yokuqala.
Ngaphandle kokudlala umkhalambazo inguthisha lapho ifundisa izibalo e-Isibukosabasha Primary School eNquthu.
Kulabo abazolibhekisa eHungary bali-10 okukhona nomqeqeshi uSensei Dr Emmanuel Nkhoma.

