IMeya idonse abafundi ngendlebe ukuthi baqhubeke nokwenza kahle ezikhungweni zemfundo ephakeme
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.



Ube impumelelo umcimbi wokukonyeliswa kubafundi akade benza uMatikuletsheni nyakenye ngaphansi koMkhandlu INkosi Langalibalele oholwa uMnu uMduduzi “Sobholenyoni” Myeza.
Lo mcimbi ububanjelwe e-Apex Boutique Hotel, lapho bekugcwele abafundi bezikole ezehlukahlukene.
Abafundi bagixabezwe ngama laptop, inkece yokuba bakwazi ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme, izitifiketi nezindondo. Akugcinanga lapho kodwa uMnu Myeza ube esebanikeza isamba sezinkulungwane ezimbili, nathe izobasiza ukuthi bekwazi ukugibela uma sebelibhekise ezikhungweni abayofunda khona. Ubonge abafundi, othisha, abazali, amakhansela, ube esedonsa ngendlebe abafundi ukuthi baqhubeke basebenze kanzima futhi baziphathe kahle lapho bayofunda khona.
UMnu Myeza ube esenza okungajwayelekile ngesikhathi egqokisa intokazi ebaqwaqwade bonke emakhanda, ijazi elibomvu elike libonakale makugcotshwa iziMeya.

