Now Reading
UNtuli uncome othisha ngokwenza kahle kwesifundazwe kuMatikuletsheni
Dark Light

UNtuli uncome othisha ngokwenza kahle kwesifundazwe kuMatikuletsheni

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uThami uncome igalelo lothisha, wathi akangabazi ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi uMatikuletsheni wakulo nyaka uphasa wedlule amaphesenti angama-90.

UMnu uNtuli uveze lokhu emcimbini wokuklomelisa abafundi abenzekahle ku-Matric 2024, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini namuhla. Lo mcimbi ubuhlelwe uMnyango wezeMfundo esifundaweni.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal siphume endaweni yesibili kuzwelonke ngo-89.5%, silandela iFree State yona ephumelele ngo-91%. UMnyango wezeMfundo oholwa uMnu Sipho Hlomuka uveze ukuthi bangaphezu kwezinkulungwane ezili-140 abafundi abaphasile kwizinkulungwane ezili-162 ababhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

“Le mpumelelo yonke ngungenxa yokuzikhandla kothisha, kubalulekile ukuthi ngidlulise ukubonga kubo. Nami ngike ngaba wuthisha, ngiyabazi ubunzima ababhekana nabo, njengoba kuyaye kuphoqe ukuthi bachithe isikhathi esiningi emsebenzini kunemindeni yabo” kubeka uMnu uNtuli.

Ube esebongela bonke abafundi abakwazile ukuba baphumelele.

Akagcinanga lapho kodwa ube eseqinisa idolo labo bafundi abangakwazanga ukuba baphumelele.

See Also

“Empilweni lihlezi likhona ithuba lesibili. Sithi kubafundi abangaphumelelanga lokhu akusho ukuthi bayizehluleki. Njengoba kuqala unyaka banethuba lokuthi babuyele esikoleni benze amalungiselelo okubhala izifundo ezibaqhuzulile” kbeka uMnu uNtuli.

Esonga uMphemba (abakaNtuli) udonse ngendlebe abafundi ukuba uma sebekhetha imikhakha abazoyifundela, kube ukuthi ileyo abazokwazi ukuziphilisa ngayo.

“Ngifisa abafundi bakhethe imikhakha yemisebenzi abangakwazi ukuziphilisa ngayo okungaba ezobuchwepheshe, noma engabenza osomabhizinisi ngoba isimo sezwe kasisihle ngasemathubeni emisebenzi. Kasifisi ukuthi kube khona izingane ezizofundela ukuhlala emakhaya”.

Scroll To Top