IZanu-PF ifuna ukwengezela ihlandla likaMongameli ngeminyaka emibili
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iqembu elibusayo eZimbabwe iZanu-PF lifuna ukwelula ihlandla likaMengameli u-Emmerson Mnangagwa lokubusa ngeminyaka emibili kuze kube ngowezi-2030, kusho isikhulumi seqembu ngoLwesibili. Akazange anikeze imininingwane yokuthi lokhu kungafezwa kanjani noma ngabe kuzofunwa izinguquko zomthethosisekelo ukuze umholi weZanu-PF oneminyaka engama-82 ubudala akwazi ukuqhubeka.
Umthethosisekelo waseZimbabwe ubeka amahlandla amabili eminyaka emihlanu kanti ihlandla lesibili nelokugcina likaMnangagwa njengomengameli liphelelwa yisikhathi ngowezi-2028.
“Udaba lokuthi umengameli ahlale embusweni kuyisimo seqembu okuvunyelwane ngaso,” kusho umqondisi weqembu, uFarai Marapira, etshela abeReuters ngocingo.
Ebuzwa ukuthi ngabe lokho kusho ukuthi kushintshwe umthethosisekelo ukuze welule isikhathi sobumongameli sibe yiminyaka eyisikhombisa, uphendule wathi: “Izindlela azikanqunywa.”
Emlandweni wayo omningi kusukela yathola inkululeko ngowe-1980, iZimbabwe yayiholwa ngongasekho uRobert Mugabe owayengundunankulu kusukela ngowe-1980 waze wakhethwa njengomengameli ngoZibandlela kowe-1987, isikhundla asibambe kwaze kwaba nguLwezi wezi-2017.
Ngowezi-2013, uMugabe wasayina umthethosisekelo omusha ovumela omongameli ukuba bathathe amahlandla amabili eminyaka emihlanu. Lokhu akuzange kusebenze futhi uMugabe ubezokwazi ukuqhubeka ebusa iminyaka eminye eyi-10 ukube bekungengenxa yokuketulwa kombuso wakhe ngowezi-2017 esikhundleni sakhe kwafakwa isekela lakhe ngaleso sikhathi, uMnangagwa. UMugabe washona ngemva kweminyaka emibili.
UMnangagwa usephumele obala wathi uzoshiya uma isikhathi sakhe siphela, kodwa umqondo wokuthi iZimbabwe yesule imikhawulo yamahlanndla amabili eminyaka emihlanu waphakanyiswa engqungqutheleni yeZanu-PF ngoMfumfu odlule.
Ummeli womthethosisekelo uMnu uWelshman Ncube uthe ngokombono noma yiluphi ushintsho kumthethosisekelo ngeke lusebenze kulowo osesikhundleni. “UMnangagwa kuzomele abhekane namareferendamu amabili, elokuchitha umkhawulo wehlandla bese kuthi elinye lisuse umbandela wokuthi lowo osesikhundleni angeke ahlomule kunoma yiziphi izichibiyelo,” etshela abeReuters.
Omunye ummeli womthethosisekelo wombuso, uLovemore Madhuku, uthe akukwazi ukuthi uMnangagwa aqhubeke ebusa ngokusemthethweni ngemva kowezi-2028 ngoba “akekho onamandla okwengeza isikhathi sikamongameli”.
Kusukela ngowe-1990, ohulumeni base-Afrika abangama-24 bafuna ukwelula ukubusa kukamongameli wabo ngaphezu kwemikhawulo ekhona yomthethosisekelo, imvamisa ngokuchitha amahlandla amabili futhi konke kube yimpumelelo ngaphandle kwamane, ngokusho kwephepha lowezi-2023 kuScientific Research Publishing.

