Now Reading
Abanikazi bezinkundla zokuxhumana abanandaba nabantu
Dark Light

Abanikazi bezinkundla zokuxhumana abanandaba nabantu

Angeke ngakuphika ukuthi izinkundla zokuxhumana zifuze igama lazo futhi ziyalilandela, kodwa okwenzeke ezinsukwini kungenze ngabona ukuthi bukhulu ubungozi obuza nazo. Ngazo siyakwazi ukuxhumana impela kanye nokuthuthukisana ngolwazi ngokushesha kodwa ngibone ingozi enkulu esizifake kuyo, ebonakala kungaselula ukuphuma kuyo.

Ngiyazi ukuthi kungenzeka usuke wayifunda futhi wayilalela into eyisexwayiso ngazo. Ngifisa ukuhamba ezinyathelweni zalabo abake bakhuluma ngobungozi bezinkundla zokuxhumana. Yinkulu impi esibhekene nayo ngenxa yezinkundla zokuxhumana. Okubuhlungu ukuthi iningi labantu bakithi lingene shiqe futhi aliboni ukuthi izinkundla zokuxhumana zifana nezidakamizwa.

Ngiyazi ukuthi uyazibuza ukuthi bangenaphi abanikazi bezinkundla zokuxhumana kuyo yonke le nkinga esibhekene nayo. Ezinsukwini ezedlule umhlaba wonke ububhekene nobunzima bokungasebenzi kwezinye zezinkundla zokuxhumana ezidume umhlaba wonke futhi ezisentshenziswa izigidi ngezigidi zabantu. Into engiyinake kakhulu ukuthi singabantu sesiphila ngazo futhi siphila kuzo izinkundla zokuxhumana.

Okudumaza kakhulu ukubona izinga lokwethembela kwethu kuzo izinkundla zokuxhumana kangangokuthi abantu abaningi bangene kwenkulu ingcindezi ngenkathi ezinye zezinkundla zokuxhumana zingasebenzi okwesikhashana. Ngingomunye wabantu obehlele ukuthi uzoba nomhlangano kwenye yezinkundla zokuxhuma. Ukungasebenzi kwazo kungifake kwenkulu ingcindezi futhi kungibangele omkhulu umsebenzi. Njengoba ngingakwazanga ukuhlangana ezinkundleni zokuxhumana, kuphoqe ukuthi ngiwuhlehlise umhlangano. Indlela esibeke ngayo ithemba lethu kuzo iyathusa.

Okudabukisayo ukuthi sibeke ithemba lethu ezintweni zabantu abanganandaba nathi. Ukucima kwezinye zezinkundla zokuxhumana kushiye abantu bedidekile futhi bengazi ukuthi inkinga ikuphi. Abanikazi bazo abakhiphanga isimemezelo futhi angiboni bekubona ubalulekile kubo. Ingakho ngithi abanandaba nathi futhi kubo sibaluleke uma sisebenzisa lezi zinkundla zokuxhumana. Sibaluleke uma sifaka imali ezikhwameni zabo. Kunabantu abaningi abasebenza ngazo ukuze bathole okuya ethunjini.

Lokhu kungenze ngafunda ukuthi sidinga ukuqaphela indlela esincike ngayo ezintweni zabantu esingabazi futhi abakhombisayo ukuthi abanandaba neze nathi. Ngisibonile isidingo sokungazilahli izindlela ezindala zokuxhumana noma siphila esikhathini lapho ezobuchwepheshe zisivumela ukuthi siphile impilo ephucuzekile. Asingazilahli izindlela ezindala zokuxhumana, ezifaka phakathi ukuvakashelana kanye nokushayelana ucingo.

Ngaphezu kwale nkinga ebesibhekene nayo yokucishelwa kwezinkundla zokuxhumana ezinsukwini, kuningi engifisa sikuqaphele ngazo. Njengoba bengike ngasho phambilini ukuthi izinkundla zokuxhumana zinhle futhi zibalulekile kodwa ziningi izinkinga abantu bakithi abangene kuzo ngenxa yazo. Uthe omunye, ekhuluma kwasakudlala, buningi ubudlelwano obuthikamezekile ngokucishwa kwalezi zinkundla zokuxhumana ezimbalwa. Buningi ubudlelwano kanye nemishado ephela mihla namalanga ngenxa yezinkundla zokuxhumana. Abantu baxhumana ngokweqile bengabe besahlonipha ukuthi omunye usebudlelwaneni noma ushadile. Ukuxhumana okuye kuqale kahle kugcina sekuholela ekugangeni nasekuzwisaneni ubuhlungu.

Inkinga enkulu ngezinkundla zokuxhumana kubantu abaningi, ikakhulu abasha, isikhathi abasichitha kuzona bengenzi lutho eyinzuzo kubo. Iningi lethu liyehluleka ukulawula isikhathi esisichitha ezinkundleni zokuxhumana. Abanye baphelelwa yimisebenzi ngenxa yokutholakala bechitha isikhathi somqashi ezinkundleni zokuxhumana.

See Also

Abanye bahluleke ukuphothula iziqu zabo ngenxa yokuchitha isikhathi bedlala ezinkundleni zokuxhumana. Ngiyazi ukuthi njalo uma umuntu esho lokhu kuye kuthatheke kancane kubantu abaningi ngoba iningi lethu aliboni ukuthi sisenkingeni futhi noma sesibona asifuni ukucela usizo ukuze siphume enkingeni esikuyo.

Buningi ubungozi obufike nezinkundla zokuxhumana. Ubugebengu kanye nokukhohliswa kwabantu bakithi kudla lubi ezinkundleni zokuxhumana. Abantu abaningi ababoni noma sekudlalwa ngabo. Bakhala bekhalile abantu bakithi, futhi abanye abasizakali ngenxa yokungalawuleki kwazo ezinye zezinkundla zokuxhumana. Ukuthunjwa kwabantu, ikakhulu abesifazane kwenzeka khona ezinkundleni zokuxhumana. Abantu bathenjiswa imisebenzi, bakhokhiswe izimali ezinkulu yizigilamkhuba khona ezinkundleni zokuxhumana.

Kukho konke okwenzakalayo futhi nokuphula umoya wami kakhulu ukubona izinga lokunganaki kwabanikazi bezinkundla zokuxhumana. Okubalulekile kubo imali kuphela. Yikho kanye okungenze ngathi sidinga ukuhlala phansi sicubungule lobu budlelwano esinabo nabanikazi balezi zinkundla zokuxhumana. Uma singakenzi kanjalo, sisazosala sibambe ongezansi sebephinde basigqema ingozi engeqiwa ntwala.

Scroll To Top