Now Reading
Emdlalweni wokuhlwitha amandla iDA njenge-ANC isenkingeni
Dark Light

Emdlalweni wokuhlwitha amandla iDA njenge-ANC isenkingeni

Kulabo abaqonda ipolitiki yamaqembu kanjalo nepolitiki yokhetho bayazi ukuthi ipolitiki ngumdlalo wamandla okuphatha. Kulaba ukwenza kweqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) akusona isimanga noma into okungaze kuthiwe isematheni. Leli qembu laya okhethweni ngoba lifuna amandla. Kanjalo uma ngabe ithuba liziveza njengoba abavoti bengashongo ukuthi ngubani ingqwele leli qembu lizokwenza okulifanele, ukuhlwitha amandla.

Uma kungabhekwa imiphumela yokhetho leliqembu eliholwa nguMnu uJohn Steenhuisen kalenzanga kahle. Kunalokho elikwazi ukukwenza ukubuyisa izinombolo zangokhetho olwedlulo. Lokhu kusho ukuthi kalikhuli njengoba lithole ama-21.81%. Ngokwezibalo zabavoti kusho ukuthi bavotelwe ngabantu abayizi-3,506,864. Ngalokho bathola izihlalo ezingama-87.  Okuzuzwe yileli qembu kube kakhulukazi ngukubuya kwabavoti bayo abebehambe bayovotela iFreedom Front Plus ( FF Plus) .

Nokho lokhu akusho lutho okwamanje ngoba leli qembu kubukeka kuzwakala isicathulo salo. UKhongolose ubukeka ubhajiwe njengoba iDA ithi ifuna into ebilapha, kayizwa mshini. Uma ubuka ukwenza kwalo uyabona ukuthi yize lenza sengathi kalinendaba kepha lona nabaxhasi balo banendaba. Ngani na ?

Leli qembu labe lingabunjelwe ukuphatha. Kunalokho onke amandla namava alo kusuka ngezikhathi zobandlululo yabe yakhiwe njengeqembu eliphikisayo. Nokuthe ngaphansi kwedemokhrasi inyoni yanyela esandleni njengoba ikwaze ukuphatha eWestern Cape nakweminye imikhandlu. Konke lokhu kube ngenxa yokubhacaza kukaKhongolose. Kuzwelonke iDA ayikaze izibone isemandleni okuphatha izwe yize uma imemeza ubungaze uthembe. Okwayo nekwazi ukukwenza ukuphikisa.

See Also

Nakulokhu emuva kokuphakama kweqembu elisha uMkhonto Wesizwe (MK) iDA ibisiyamukele ukuthi ayinqobanga noma ayitholanga okwanele. Nokho kuphindile, yanyelwa yinyoni esadleni uKhongolose wethuka wasabi ukulahlekelwa ngamandla nokwenze wangena kunoxhaka weDA. Kuyimanje odlula ngendlela nxa elalele izimfuno zayo ungafunga ukuthi idlulana nephuzu kuKhongolose. Lokhu kwenziwe wukwethula nobudedengu be-ANC osekusobala ukuthi iya ngokuyiphunyuka ipolitiki yezokuxhumana.

Ekugcineni uma loHulumeni Wobumbano ungawodloka ungakaqali, akuyona i-ANC kuphela ezolahlekelwa kepha nayo iDA izolahlekelwa ngoba iyazi ukuthi ngokwezinombolo ngeke ifike lapho ifike khona manje, empeleni ngokhetho oluzayo ingahle ilahlekelwe nayilokhu okuncane enakho.

Scroll To Top