Unya lwabasha luyaphindana: Ngabe uMthombeni uyoke alibuse?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.

Emuva kwezinyanga eziyi-10 alukabonakali udosi lwamaTaliban
Kuyinto eyejwayelekile ebuholini ukuthi kube khona isikhathi lapho umholi noma ubuholi bamukeleka khona. Lokhu kubangelwa phakathi kokunye yisidingo sezinguquko kulabo abasuke bebeke ubuholi obusha. Nokho kuhamba kuhambe kube sekuba nokukhononda nemibuzo ngobuholi obusha.
Lesi simo kubukeka siqala ebuholini beqembu elibusayo KwaZulu-Natal i-African National Congress (ANC). Ubuholi lobu osihlalo bawo kunguMnu uSiboniso Duma bukhethwe zolo lokhu ngoNtulikazi wanyakenye ngesikhathi uMthombeni (abakwaDuma) ehlula uMnu uSihle Zikalala owabe enguSihlalo noNdunankulu wesifundazwe. Ngokwezibalo uMthombeni waba namavoti ayi-930 kwathi uKhuzeni yena weza ngemuva ngamavoti ayi-665. Okwaqapheleka kakhulu lapha wukuthi ibutho likaMthombeni amaTaliban lashanela zonke izikhundla njengoba bonke abaqokwa ebuholini obuphezulu babeqhamuka kulo.
Lokhu kwabathile ngaphakathi nangaphandle kuKhongolose kwasho abakubona ngesiqalo sekhasi elisha. Nalo ibutho leli leTaliban ngezinkulumo zalo lasho ukuthi izinguquko sezifikile. UMthombeni nezakhe bathathe isimo singesihle vele kukhongolose kusifundazwe nakuzwelonke. Kuzwelonke bathathe ngesikhathi kuyiwa kwingqugquthela ebizoqoka umengameli nesigungu esisha. Lokhu kwabe kumqoka ngoba isifundazwe iKwaZulu-Natal sabe singekho kulobu buholi emuva kwehlazo elenzeka eminyakeni eyedlule lapho kungabi bikho noyedwa umholi ovela KwaZulu-Natal noma owesekwa yilesi sifundazwe kuzwelonke.
Ngenxa yalokho kuqalwa kwake kwakhona inkolelo yokuthi kukhona umehluko abazowenza abaholi abasha laba. Sekungumlando ukuthi isimo sisefana njengoba nakulokhu isifundazwe iKwaZulu-Natal sahamba inqina kamabuyaze, nanamuhla akukho noyedwa wakhona esigungwini sabaholi abaphambili. Ihlazo ebuholini bukaMthombeni banda njengoba kukhona abakholwa yikuthi isenzo sabo sokungavoteli noma baseke uMnu uMdumiseni Ntuli kwaveza isithombe esingesihle ngabo, sokuthi kabazile nokusha kepha basaphethe amazondo akudala.
Ukwehlulwa kukaDkt uZweli Mkhize abebe mthwele ngeqoma nakho kwenza ‘isithunzi’ samaTaliban okwakuthiwa eza nokusha nokuthi bayakwazi abakwenzayo zasolisa. Akugcinanga lapho kepha ukuqhubeka nokukhonya kwezimbangi ze-ANC, Inkatha Freedom Party (IFP) okhethweni lokuchibiyelwa kohulumeni bendawo kwenza kube nemibuzo ekutheni engabe izinguquko lezi ziza namphumela muni. Umbuzo ekutheni ngabe luphi udosi lamaTaliban ude uqhamuke njalo.
Nakuhulumeni akuzwakali
Ezinye zezinqumo zokuqala ezathathwa yibutho lamaTaliban kwaba zinguquko ezinqala kuhulumeni. UKhuzeni wasuswa kwesobuNdunankulu kwase kubekwa owesifazane wokuqala njengoNdunankulu, uMaDube Ncube. Lokhu uma kuqala kwaba sengathi yisenzangakhona ngoba kwaveza ukuthi ubuholi obusha buyakholelwa kwabesifazane. Ngakolunye uhlangothi kwavela isithombe esithi ubuholi obusha lobu abunawo umgolo njengoba kwabe kungazibeki bona phambili. Nokho kuhambe kwahamba kwase kuvela izinkulumo ezisola uMnu uDuma ngokwenza uMaDube isichuse ashanela ibala ngalo. Abantu nasezinkundlelni zokuxhumana bebeveza ukungaqondi ukuthi kungani lapho umcimbi kungokahulumeni bese noDuma ekhuluma ngemuva nangaphambi kukaNdunankulu.
Emasontweni ambalwa edlule kube khona izinguquko ngesikhathi lobu buholi bususa uMphathiswa uBani Mapena esikhundleni kusenzo esihlukanise imibono kukhona abathi umphathiswa lona uyajeziswa abanye bethi ubuholi obusha lobu bebuveza ukuthi buzimisele ngokwelusa ukusebenza okuyikho kuhulumeni. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka umsanka ombule uhulumeni nobuholi obusha izinqe.
Ukufadalala kohlelo lokubonelela izingane ngokudla ezikoleni kubukeka kube yikho okwenze injolozela yabheka kulobu buholi obusha ekutheni ngabe kuyakwazi yini ukuhola nokuqinisa isandla ezintweni ezithile. Ukutheleka kwesigungu esikhulu sokusebenza kwenhlangano nsukuzonke (National Working Comittte) kaKhongolose ngesonto eledlule nokwanda kwezinkulumo zokuthi ubuholi lobu obusha bungase bumiswe kwenze ichashazi kumaTaliban obekuthiwa eza nezinguquko ezinqala.
Okusobala yikuthi yize noma ngabe ubuholi bukazwelonke bekunezifiso zokumisa obakwaZulu-Natal isikhathi kasivumi. Kulokhu kubukeka uKhongolose uzame ukugwema okwenzeka eWestern Cape lapho ukuguqulwa mawala nokumiswa kobuholi kwaba nomthelela ebudlelwaneni kwamalungu neqembu lalimala okhethweni.
Ukuvela kwezindaba ezithi ISILO kaseneme ngokusebenzisa nehhovisi likaNdunankulu nesisole ukuthi senziwa udibi nomantindane otshelwa ukuba enzeni nini kufake iqembu elibusayo ingcindezi yokuzama ukulungisa ukukhuluma.
Ukhetho oluzayo
Okunye okude kuvela yikuthi labo abehlulwa mhla kunqotshwa uKhuzeni kanjalo nalabo abanengwa wukungasekwa kukaNtuli bayaqala manje bayihlomisa ehlathini. Khona lapho nalabo ababona isenzo sikaMthombeni nezakhe sokuseka uDkt uMkhize bechayisa uZuma nabo kabethule bayawumuzela. Konke lokhu nezinye izinkinga ngaphakathi eqenjini zenza kwande ukukhuluma. Imilomo iyavunana ekutheni engabe uMthombeni owaqoka ukungabi nguNdunankulu wadedela uMaDube uyozisola na. Ukuthi engabe uyoke alibuse yini njnegoba ngonyaka ozayo sebekhona abathi uma iNdlovu (IFP) idlondlobala ingahle yenze izimanga. Ukuxoxa ngokubambisana phakathi kwe-IFP neDemocratic Alliance (DA) nakho kushaye isipikili kwitulo likazwelonle lamaqembu aphikisayo, nafunga ayagomela ukuthi azowuginga uKhongolose.
Kulezi zinyanga ezilishumi amaTaliban ebusa kuncane okukhomba izinguquko kanti nesikhathi kasimile njengoba kungekudala kuyocaca ekutheni uMthombeni uyoba yini nguNdunankulu noma cha. Abanye basho khona ukuthi uma bethola ithuba bayokwenza lokho oDuma nezakhe abakwenza kuKhuzeni noNtuli, bayobakhipha ezikhundleni sengathi abakaze babe khona.