Imisebenzi kaMantashe iqala ukugqama: uLuzipho


NAPHEZU kokuba iKomidi Lezokumbiwa ePhalamende eliholwa uMnu uSahlulele Luzipho liwuncoma umsebenzi osuwenziwe uNgqongqoshe kulo Mnyango uMnu uGwede Mantashe kusuka ethathe izintambo ngoNhlolanja kubukeka zisekhona izikhalo kubasebenzi emazingeni aphansi nakubantu abakhelene nezimayini.
Ngeledlule uMantashe unekele iKomidi ngasekwenzile kusuka athatha lesi sikhundla okubonakale kwamukelwa ngezandla ezimhlophe uSihlalo walo.
“Siyakwamukela ukuthi uNgqongqoshe usekwazile ukubuyisa uzinzo ezingeni lokuphatha eMnyangweni kwaphinde kwaphela nongabazane olukhona embonini yezimayini obeludalwa ukushintsha kwenqubomgomo,” kuphawula uLuzipho ngesikhathi iKomidi lihlangene noNgqongqoshe.
IKomidi libuye lakwamukela ukuthi selokhu kuthathe uMantashe sekuvalwe izikhala ezithile ebezingenabani njengezamaPhini abaQondisi okuyizikhala esezivalwe ngokugcwele.
ULuzipho uphinde waveza ukuthi ingqungquthela yezimayini iMining Charter eyenziwa umnyango ngoNtulikazi lapho kwakuhlangene khona zonke izinhlaka ezithinteka ezimayini kwaba yigxathu elibalulekile. Zibonakala zisaqhubeka izigigaba zokufa kwabasebenzi ezimayini njengoba ngoNtulikazi kwafa abasebenzi abayisithupha emayini iPhalaborwa Mining Company,eLimpopo.
Lesi sehlakalo senzeka ngesikhathi izimayini zingaphansi kweso lokhozi emuva kwesigameko sasemayini iLily Mine esifundazweni iMpumalanga lapho abavukuzi abathathu bavaleleka emgodini ngonyaka odlule imizamo yokubatakula yagcina ihlulekile.
Imindeni yabo isahleli neminjunju yokulahlekelwa imindeni okwagcina kuphele kanjalo ngayo. Ngaleso sikhathi uLuzipo, nozakwabo onguSihlalo Wekomidi Elikhethekile Lwezomhlaba Nokumbiwa uMnu u-Olifile Sefako, bazwakalisa ukukhathazeka kwabo ngalesi sibhicongo eLimpopo. “Udaba lwezempilo nokuphepha ezimayini sekunesikhathi eside luphumile esandleni futhi sekuyinhlekelele idinga ukusukunyelwa ngokushesha,” kusho uLuzipho. Wathi uMnyango Wezokumbiwa kumele ushaye umthetho ozokwenza ukuthi abanikazi bezimayini nezikhulu kube semahlombe abo ukubhekana nazo zonke izehlakalo ezenzeka ezimayini ezihambisana nobudedengu obuholela ekufeni kwabasebenzi nokugula ngenxa yesimo sezempilo nokuphepha esingekho ezingeni. Uthe abaphethe ezimayini kumele bathathelwe izinyathelo uma sekuze kwafika ezingeni lokuthi kuphume isidumbu ngenxa yobudedengu. ULuzipho uthi kuyinto ephambene nokulunga nokungelula ukuyikholwa ukuthi esikhathini esiyizinyanga ezintathu sekufe abantu abali-18 ezimayini zakuleli waveza nokuthi kungalesi sizathu iKomidi Lezokumbiwa labhalele uNgqongqoshe Wezokumbiwa uMnu uGwede Mantashe lifuna ukucaciseleka ngesimo soMthethosivivinywa iMine Health and Safety Amendment Bill.IKomidi lifuna nokuzwa ukuthi uMnyango yikuphi okwenzayo kulesi simo.