Amaqembu amancane abezibambe zaqina
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
I NKULUMO yokuthi kukhona amaqembu amancane namakhulu ayamukeleki kwabanye ikakhulu labo okusuke kuthiwa mancane. Kubo leli gama libukeka libacwasa futhi libaphuca amanye amalungelo atholwa yilawa okuthiwa makhulu. Elinye lamalungelo yilelo lesikhathi sokukhuluma emsakazweni nakumathelevishini lapha bakhahla ngokuthi isikhathi esiningi sinikwa amaqembu amakhulu okuyi-African National Congress (ANC), iDemocratic Alliance (DA) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF). Lokhu kubonakele ngosuku lwangeSonto lapho amaqembu amathathu okuyi-ANC, i-EFF kanye neInkatha Freedom Party (IFP) bethula khona imikhankaso yokugcina. Abe-ANC ne-EFF bebeseGoli.
Kuqale uKhongolose nayilapho uMengameli wayo ehlulwe yisikhathi abebekelwe sona ngokuvumelana nabamathelevishini. Ukudonsa kukaRamaphosa kuphazamise uhlelo ngoba kula maqembu amabili i-ANC ne-EFF elishayeke kakhulu kube yi-IFP egcine ingasavezwanga inkulumo yomholi wayo uMntwana wakwaPhindanegene ebisoLundi. Kwabakhulume neBAYEDE nabangamalungu e-IFP bakhala ngokwenzelelal nokwenzelwa phansi yiSABC nabathe ibide ibahlehlisa.
“Sihlehliswe kwaze kwaba yihora lesithathu lapho kuthiwe kuzosukwa ku-EFF kuziwe kithi. Lokho akwenzekanga nokucacile ukuthi uma silinda umnyama lo obungenafu okusho ukuthi amalungu ethu azolalela uMntwana sekuhwalele. Okube kubi wukuthi kuze kube yimanje asikatholi sixoliso kuSABC okusobala ukuthi awusiboni, uyaseya thina namalungu ethu,” kusho lo mholi we-IFP obenganeme.
Phezu kwalokhu amaqembu amancane enze kwehluka ngalo lukhetho obelungoLwesithathu. Okugqame kakhulu kube wukwanda kwamaqembu azimele namancane abebhalisele ukhetho kuzwelonke nasezifundazweni. Akukhona ukuthi abengekho ezikhathini ezedlule kepha kulokhu ukwenza kwawo ekhankasa kwenze anakeka. Abaholi bawo nalabo abebengubuso bala maqembu bekungelula ukuba ubazibe. Umholi we-African Content Movement (ACM), uMnu uHlaudi Motsoeneng utshengise abantu abaningi ukuthi kukhankaswa kanjani. Isikhathi asithole emsakazweni nakuthelevishini . Ukukwazi ukusebenzisa imithombo yabezindaba nokwenza nje kwalo mholi kwenze kwalukhuni ukumziba kwabezindaba. Elinye iqembu elisha ebelisematheni yi- African Transformation Movement (ATM). Leli qembu libukeke lihlelekile nokwenze abanye bezindaba baqhamuka nokuthi empeleni liyimpaka yalowo owayenguMengameli wezwe, uMnu uZuma.
Lokho baze ‘bakufakazela’ ngesethulo esenziwe nguMfundisi uBuyisile Ngqulwana obenguNobhala weSouth African Council of Messianic Churches noveze ebufakazini bakhe okufungelwe ukuthi bahlangana noZuma eNkandla wakha nesithombe sokuthi lokhu kuhlangana kwakuseyimizamo yokubumba iqembu leli. I-ATM ngenxa yale mibiko ingasho ukuthi ithole ukwaziwa nokuyibeke ethubeni elihle lokukhankasa.
Elibukeka lizuze kakhulu uma kufika ekubeni ngundabamlonyeni yiBlack First Land First (BLF) eliholwa nguMnu u-Andile Mngxitama. Umkhankaso waleli qembu neziqubulo zalo zenze angahlala kahle amanye amaqembu ikakhulukazi iFreedom Front Plus negcine ibayise enkantolo ibasola ngokuba yiqembu elicwasayo. Akugcinanga lapho ngoba iNkantolo Yezokulingana (Equality Court) ikhiphe isinqumo sokuthi isiqubulo sale nhlangano esithi, ‘Land or Death’ siyacwasa yabe isiyalela ukuthi le nhlangano ayixolise nefunge ngokuthi ngeke ikwenze lokho. Okugqamile lapha wukuthi iBLF ikwazile ukusebenzisa lezi ziwombe ukusabalalisa ulwazi ngayo, ngamafuphi ekushushisweni kwayo izuzile namuhla yaziwa ukudlula amanye amaqembu akade abakhona.
Kungenzeka amanye ala maqembu okuthiwa mancane angaphumeleli kulolu khetho kepha ukwenza kwawo kubuke kusilunguzise kulokho okuzayo ngokhetho loHulumeni Wendawo lapho la maqembu amaningi angahle adlisele ogageni lawa okuthiwa makhulu. Kanti nakhona kulolu khetho kukhona lapho ubukhona bawo buzoba mqoka.