Umbiko uthi uMasipala uMsunduzi ungase uguqe
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
UMcwaningimabhuku Jikelele uthola ukuthi omasipala baKwaZulu-Natal abasebenzanga kahle onyakenimali owedlule
KUNESISHO esivamise ukusetshenziswa uma izinkinga ziqhamuka zilakanyana, ikakhulukazi uma sekwehlula ngisho sekwenziwa imizamo yokuzigwema kodwa ziqhubeke nokugadla. Lesi sisho sithi: “Alisanethi kodwa liyayidliva”. NakoMasipala baKwaZulu-Natal kubukeka sengathi lesi sisho singena khaxa esimeni ababhekene naso njengoba muva nje uMcwaningimabhuku Jikelele, uMnu uKimi Makwetu, ekhiphe umbiko owakha isithombe esingesihle neze ngokuphathwa kwabo.
Empeleni umbiko kaMakwetu wonyaka wezimali wezi-2016/2017, ukhomba ukuthi izinkinga ezikhungethe oMasipala sezidlula lezo okwakukhalwa ngazo ngonyaka wezi-2015/2016. Kulokhu uMakwetu udalule ukuthi ezinye izinkinga ezikhubaza ukuphathwa kahle koMasipala kube ukuba budedengu kwezikhulu ezinganaki umsebenzi wazo.
Okunye ukuhluleka kwabasebenzi boMasipala ukulungisa izinkinga ezisuke zitholwe uMcwaningimabhuku Jikelele. Akugcini lapho kodwa okunye amaKhansela asuke ejutshwe amaqembu, lapho uMcwaningimabhuku Jikelele ekhala ngokuthi ahuqa ubuthongo awalandeleli ukuthi ngabe imisebenzi yenziwa ngendlela efanele yini. Ubale nokusetshenziswa budedengu kwezimali ngaphandle kokulandelwa kwemigudu efanele elawula ukuphathwa kwezimali zoMasipala.
Umbiko wangowezi-2016/2017 ukhalise ngisho uMphathiswa Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba Zomdabu esifundazweni, uNkk uNomusa MaDube Ncube. UMaDube uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngoba nangokwedlule waze wenza ingqungquthela ebizwa ngeMunimec, okwakubuthene kuyo neziMeya ngowezi-2015/2016, ezama ukukhuza ukuphathwa budlabha koMasipala.
Enkulumeni ayenza embuthanweni owawusehholo laseMgungundlovu, waxwayisa ngokuthi sebethathe isinqumo sokuthi uma oMasipala bethola imibiko yokuphathwa budedengu kwezimali, kuzojeziswa izikhulu zabo kanzima. Phakathi kwalokhu kujeziswa kwezikhulu kwabe kunqunywe ukuthi izimenenja zoMasipala abayobe bethinteka angeke ziyithole imihlomulo yazo yokuphela konyaka.
Okunye kwabe kungukuthi iziMeya zaleyo Mikhandlu ziyophoqwa ukuba zishaye iphakethe lazo ukuze kukhokhwe lezo zimali ezisuke zitholwe zingasebenzanga ngendlela. Phezu kwakho konke lokhu kodwa isimo asikaguquki njengoba umbiko kaMakwetu ukhomba ukuthi iKwaZulu-Natal inoMasipala abayisikhombisa kuphela abathole imibiko emihle kulabo abangama-53.
Lesi sibalo sehle kakhulu uma kuqhathaniswa nesangonyaka wezi-2015/2016, lapho kwakungoMasipala abangama-22 kuphela ababethole le mibiko njengoba sekwehlele kwabayisikhombisa. Ngonyaka wezi-2015/2016 isikhalo esaba khona kwabe kungukuthi uzinzo lwalungekho nhlobo koMasipala abaningi ngenxa yomdonsiswano wamandla owawuphakathi kwezinhlangano ezaziphethe ngokubambisana.
Lesi sizathu senziwa yiwo amaqembu ezepolitiki kanye nawo lawa ayethinteka ngqo ekuphathweni kwalabo Masipala. Ngaphandle kwalokho kunoMasipala abangama-33 okuvela ukuthi bathole imibiko emihle kodwa enogcobho. Abali-10 bona bathole imibiko egculisayo, bese kuthi ababili kwatholakala ukuthi konakele kubo.
Kukhona owodwa okutholwe ukuthi kuvalwe ngehlahla kuwo kangangokuthi usengcupheni yokuphelelwa imali yokubhekana nezidingo zomphakathi. Lo Masipala okukhalwa ngawo kangaka uMsunduzi, ophethwe uMnu uThemba Njilo. Kulo Masipala izinto azihambi kahle ngendlela yokuthi umphakathi wezindawo zaboHlanga kuhlale kunemibhikisho yokukhala ngokuphela kwamanzi nogesi.
Kulezi zindawo ezisesilungwini kubaliswa ngokuhluleka ukuqoqa imfucuza nokungahleleki yize kuyiNhlokodolobha yesifundazwe. UMsunduzi akukhona okokuqala uMcwaningimabhuku Jikelele ethola amaphutha axakile kuwo eminyakeni eyishumi edlule lo Mkhandlu ubesematheni kwaze kwaxoshwa owayeyiMeya, uNkk uZanele MaLuthuli Hlatshwayo ngenxa yezinkinga ezazikhungethe lo Mkhandlu. Ezinye zazo zazitholwe uMcwaningimabhuku Jikelele.
Ngenxa yazo uMasipala wagcina ungasakwazi ukuqoqa imfucuza emphakathini nokuhambisa ezinye izidingo nokwaholela ekutheni ngowezi-2010 uMaLuthuli akhonjwe indlela. UMasipala ongazange ulethe imibiko yawo kube i-Alfred Duma owawaziwa ngokuthi uMnambithi. Ngisho labo Masipala abathola imibiko encomekayo nabashayelwe ihlombe nguMaDube Ncube, izakhamizi ezingaphansi kwabo azijabule zonke ngabo. Isibonelo uMasipala uMuziwabantu, ezinye izakhamizi zawo sezizezabhalela abezindaba zibuza ukuthi yini lena engaka eyenza lo Masipala uchonywe uphaphe lwegwalagwala kuthiwe uthole umbiko omuhle.
Isikhalo esikhulu esokuthi lo Masipala uhluleke wancama ukuletha izidingo eziyisisekelo zomphakathi kanti labo abakhonondayo bathi bakhononda mihla namalanga befuna ukwazi ukuthi kungani izinto zingenzeki. Ukukhala okukhona sekuze kwaholela ekutheni iqembu eliphikisayo okuyiDemocratic Alliance (DA) ngomlomo kaMnu uHlanganani Gumbi, liphakamise ukuthi kube nendlela ethile yokusebenza koMasipala ukuze kugwemeke inkohlakalo namaphutha atholwa uMcwaningimabhuku Jikelele.
Ezinye zalezi ziphakamiso zifaka phakathi ukuvuleleka kohlelo lokukhishwa kwamathenda ukuze kubenolwazi ukuthi uma esephumile, asuke ekhishwe kanjani. Okunye ukuthi lifuna kubhekwe ngelokhozi ukuqashwa kwezisebenzi ukuze kugwemeke ukunikezwa komuntu umsebenzi ekubeni eseke wabhekana nezinsolo zenkohlakalo.
Esinye isiphakamiso esokuthi kufanele izisebenzi nabaholi okubalwa amaKhansela abaphula umthetho ngamabomu ngoba befuna amathenda, bajeziswe kanzima. Umbiko lona odweba isimo esingesihle uqondene ngqo nobuholi obungene ngowezi-2016 ngemuva kokhetho loHulumeni Bezindawo, obelumhla zintathu kuNcwaba.
- sikhakhanec@ingabadimedia.com