Now Reading
Ayikhonkothi nethambo: INingizimu Afrika iyoqoma ngaphi?
Dark Light

Ayikhonkothi nethambo: INingizimu Afrika iyoqoma ngaphi?

Ilabani elingaqeda ngoRamaphosa neNingizimu Afrika kwipolitiki yesimomazwe


Ukukhuluma osekwejwayelekile kuthi lapho izindlovu ezimbili zilwa kuba ngutshani obuqothukayo. Lokhu kubukeka kuliqiniso esimweni esiqhubekayo kumdonsiswano okhona nge-Ukraine nokuthinta amazwe asetshonalanga neRussia. Lo mdonsiswano usube nemiphumela engemihle kubantu nomnotho wase-Ukraine kanjalo nakumnotho wamazwe. Ngale kwawasentshonalanga amanye amazwe athinteke ngqo yilawo ase-Afrika njengoba impi lena iphazamisa ukugeleza komnotho kwazise umgudu ugudla olwandle olumnyama (Black Sea) uvalelekile.

Imikhiqizo efana nobhekilanga evela e-Ukraine esimweni esejwayelekile efinyelela kuwo onke amagumbi amane omhlaba ivalelekile. Kanjalo nowoyela negesi evela eRussia nayo iyamfimfa. Konke lokhu ngokuhlonza kongoti kunomthelela emnothweni wamazwe kanye nowomhlaba jikelele.

Kube ngalesi sizathu ubuholi bamazwe ase-Afrika bakhe ithimba labakhongi bokuthula obebuholwa phakathi kwabanye nguMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uRamaphosa. Ukuba khona kukaRamaphosa kulandela izigameko ezahlukene ezenzekile nalezo ezisazokwenzeka. Osekwenzekile kube yisenzo samazwe  angaphansi kweGroup of 20 (G20) angamumemanga uRamaphosa emhlanganweni wawo obuse Japan. Lokhu kube ngokokuqala njengoba wayemenyiwe ngowezi-2018, 2019, 2021 kanye nowe-2022.

Ukumenywa kweNingizimu Afrika kwabe kuluphawu lobungani kanye nokuhloniphana. Kulokhu kwakamuva eHiroshima eJapan kube sobala ukuthi bekuyisijeziso kuRamaphosa neNingizimu Afrika kulandela lokhu abakubika njengokuma neRussia abayithatha njengomphehli wozwathi.

Okhulumela uMengameli uMnu uVincent Magwenya wathi ebuzwa ngalokhu: “UMengameli akaboni elaxaziwe. Owengamele umhlangano uthathe isinqumo sokubuyekeza ukumeleleka kwe-Afrika nokubamba kwayo iqhaza ngokumema usihlalo we-AU. Lokho kusemseni wowengamele umhlangano uMengameli akuhloniphayo.”

Umgoga nokuchukuluzwa

Akugcinanga lapho iNkantolo yoBugebengu yoMhlaba nokusobala ukuthi ibe ngengcindezi ithatha isinqumo esifaka uRamaphosa neNingizimu Afrika kwingcindezi lapho le nkantolo ibeke uMengameli waseRussia icala ekubulaweni kwabantu e-Ukraine nokuyisinqumo esiphoqa iNingizimu Afrika ukuba imbophe uPutin manxa evakashela kuleli. Lokhu kwenzeka ngesikhathi iNingizimu Afrika eyingxenye yamazwe ahlangene ngaphansi kweBRICS ilungiselela umhlangano waloluhlaka lwamazwe. Njengabanye abaholi bamazwe angaphansi kwaloluhlaka uPutin kulindeleke ukuba atheleleke ngoNcwaba. Uhlaka lolu lweBRICS lakhiwe yiBrazil, Russia, India, China neNingizimu Afrika.

Isenzo salenkantolo sihunyushwa njengomgoga wokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyamenqabela uPutin ukuba abe kuleli nokuyosho ukunqoba kwawasentshonalanga. Lokhu kubeka uRamaphosa kwinjolozela, ekutheni ngabe uzoma namazwe asentshonalanga okuyiwo ahlale eqhosha ngokuthi yiwo ahlale eletha isipheko (umnotho) eNingizimu Afrika noma iRussia okungumlingani wayo weminyaka nehambisana nezikhondlakhondla okuyi China ne India.

NgoMbasa uMengameli uCyril Ramaphosa, waqoka ikomidi longqongqoshe eliholwa yisekela mengameli uMnu uPaul Mashatile, ukuze libheke ukuthi uthini umthetho ngokuvakasha kukaMengameli waseRussia kuleli. UHulumeni ubheka okushiwo yiRome Statute,  okuwumthetho okusungulelwe phezu kwawo iNkantolo Yezobugebengu. Ibheka okungaba intuba ukuze uMengameli uPutin akwazi ukuhambela kuleli ngaphandle kokuboshwa.

See Also

Isigaba 98 se-ICC Rome Statute sibeka kanje: “Inkantolo ingekwazi ukuqhubeka nesicelo sikamaluju noma sokusiza lapho kuzodingeka khona ukuthi izwe eliceliwe lithathe izinqumo ezingaphambana nokuzibophezela kwabo ngaphansi komtheto wamazwe, ngaphandle uma inkantolo izothola ukusebenzisana nalelo lizwe ukuba kube nokungathathwa kwezinyathelo.” Abanye bathi le nkulumo nje iyodwa inika iNingizimu Afrika ithuba lokumema uPutin iphinde ingabi ngaphansi kwesibophezelo sokumfaka amasongo kaSigonyela.

Kuyavela ukuthi kwabanye abadodisa elakuleli ngaloludaba kukhona abathi kayedlulise indebe yokuba ngosokhaya, idedele iChina noma i-India isingathe lomhlangano ngoba bona kabayona ingxenye yenkantolo yomhlaba. Nokho ukwenza njalo kuyoba nomthelela ekuhlonishweni kweNingizimu Afrika nokungamazwe  angamadlelandawonye nomlando wawo usemzabalazweni wenkululeko yokuzibusa nomnotho namazwe asentshonalanga.

Okusobala ngalesi sikhathi ukuthi elakuleli ngaphansi kukaRamaphosa kumele likhethe lapho liphakelwa khona noma eselifuna ukuphakela khona. Kuphakathi kokuthi ihlala namazwe lawa asentshonalanga  atshala izimali kuleli nokwamanje aseyizikhondlakhondla zomnotho njengeMelika. Noma aphuma inxiwa  enze ubuhlobo namazwe angaba ngabalingani kuwo nokusobala ukuthi manxa  engahlangana angagcina eseyizikhondlakhondla ngomnotho nepolitiki.

Impendulo yalokhu izoqhamuka kungekudala – kungekudala uzozwa ukuthi iNingizimu Afrika kaMandela nowabe ehlonishwa nxa  zonke uma kufika kwipolitiki yesimomazwe kanye nenqubomgomo iyoqoma ngaphi.  Okunye okusobala wukuthi noma ngabe iqoma ngaphi, ilabani lesimomazwe ngeke liphinde lifane.

Scroll To Top