Abazingeli benyathi: Ngabe uBulawayo uzoba ngubuso bamaqembu aphikisayo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ipolitiki yaseNingizimu Afrika ikuvuthondaba. Ukuqonda lokhu akudingi ukuba ube yisazi sepolitiki noma ilungu leqembu. Ukukhuluma kuyashiyana phandle, bakhona asebelibeka ngembaba ekutheni isikhathi kanjalo nezingqinamba ezibhekene nezwe sezidinga ubuholi obusha. Nokho nakubo laba abacabanga kanjena umkhonto ujama enxebeni manxa sekumele basho ukuthi ngubani noma ngobani okumele benze lobu buholi.
Sekuyisikhathi izingqapheli zepolitiki yakuleli ziphawula okuthile ngamaqembu aphikisayo. Ukuphawula kwazo kuthi yize iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) liqhuga, kepha amaqembu aphikisayo onke awahlelekile noma awakulungele ukuphatha. Iningi lala maqembu izingqapheli ziwasola ngokungabi nenqubomgomo eyahlukile noma izinhlelo ezingaba yisixazululo kulokho okukhungethe izwe.
Nokho okusobala yikuthi cishe onke amaqembu akuleli angumphumela womlando wezwe. Akhiwe ngaphansi kwezimo ezithile, kukhona lawo akhelwa ukuvikela labo ababecindezele bese kuba khona lawa akhiwa njengehawu nomkhonto wokulwisana nobandlululo – lawa angabizwa ngokuthi ngamaqembu ezimfuno noma awombangazwe. Okunye okusobala wukuthi iningi lawo labe linabalandeli abahluke ngokwebala nobuzwe. Ayekhona amaqembu okwakuthiwa amele izimfuno zamaBhunu noma ezamaNdiya kukhona nalawo anabalandeli abaningi boHlanga.
Imizamo yokwakha okusha
Isonto esikulo libe yingqophamlando emaqenjini aphikisayo njengoba abe senkundleni yinye adingida indlela yokusebenzisana ngenhloso yokuginga uKhongolose. Inkundla ibisendaweni yomlando eKempton Park lapho kwabanjelwa
khona eminyakeni eyedlule izingxoxo zamaqembu ngehloso yokuwelisa elakuleli kwinqubo yobandlululo kuya kwinqubo yedemokhrasi. Kulo mhlangano kuningi obekwehlukile nokusha. Amaqembu abekhona nabemelwe ngabaholi bawo bekuyi – Democratic Alliance (DA), Inkatha Freedom Party (IFP), Freedom Front Plus (FF+), ActionSA, United Independent Movement (UIM), Spectrum National Party (SNP) kanye ne-ISANCO.
Okugqame kakhulu wukukhula kwamaqembu aphikisayo ekwamukelaneni nasekunikezelaneni ithuba ekwakheni umbimbi. Ngokuvumelana aqale amukela uSolwazi uWilliam Gumede njengoSihlalo ozimele. UGumede uyi-Associate Professor, School of Governance e-University iWitwatersrand. USolwazi ubuye abe nguSihlalo weDemocracy Works Foundation. Unesipiliyoni uMnguni njengoba eke waba yiSekela loMhleli kwiThe Sowetan kanti wabe eyingxenye yeNational Peace Committee eyabe imqoka ngezikhathi zezingxoxo zamaqembu ngeminyaka ye-1994.

Isithombe:Igunundu Agency Images
Ukuqokwa kukaSolwazi njengoSihlalo ozimele kuveze isithombe sokuthi amaqembu azibona elingana futhi ezimisele ukuxoxa nokusebenzisana. Ekhuluma nabezindaba emuva kwengxoxo ebivalelekile yamaqembu uSolwazi uGumede uthe amaqembu ayavumelana kokuningi kanjalo nangombono munye. Uthe lesi kusayisiqalo njengoba kulindeleke ukuba namanye amaqembu asondele:
“Maningi amanye amaqembu aphikisayo angaphandle kohlelo. Ngabe leli qembu eliwumgogodla lizohlanganyela kanjani nabaningi balawo maqembu? Okwamanje, banombono okwenza kube lula ukuthi baxoxe namanye alawo maqembu ngaphandle.”
Okunye okugqamile wukuvumelana kwawo onke amaqembu ngegama
lale nhlanganisela. Kuqale ngokuphakamisa kweDemocratic Alliance (DA) kwaba
yiMoonshot Pact. Nokho luthe lungakapheli usuku lokuqala kwabe sekunesivumelwano segama elisha iMulti-Party Charter for South Africa. Leli Charter kubukeka linenhloso efanayo naleyo yokuqoka iKempton Park njengenkudla yomhlangano. Ngomhla zingama-26 kuNhlangulana, we-1955 amaqembu
ayeholwa nguKhongolose avumelana ngakubiza ngokuthi yiFreedom Charter nokwabe kuwumhlahlandlela wokubuswa kwezwe ngale kobandlululo. Ngokuqoka leli gama amaqembu aphikisayo ehlisela noma afanisa uKhongolose nohulumeni wobandlululo okumele ugingwe.
Yize amanye amaqembu eveze ukuthi kawalwi noKhongolose kepha akha lokho okuyisithako esilungele iNingizimu Afrika. Omunye wabaholi abakugcizelele lokho kube nguMengameli we- Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uHlabisa nothe enkulumeni yakhe kulomhlangano:
“Le Ngqungquthela ayiqondene nathi njengabaholi bepolitiki, kodwa imayelana neNingizimu Afrika nabantu bayo. Lena akuyona ingqungquthela yeqembu elimelene nokubusa: isizathu sethu sokuhlangana lapha sibaluleke kakhulu. Asiyizondi i-ANC: sizonda abakwenze eNingizimu Afrika. Siyahlangana namuhla ukuhlenga izwe lethu elacekelwa phansi uKhongolose. Ngemuva kweminyaka yomzabalazo, ngowe-1994, abantu baseNingizimu Afrika bama olayini abade bezovota. Ngangingomunye wabo”.
Okube sobala ngemuva nangosuku lomhlangano wukuthi uBulawayo (abakwaHlabisa) uvela njengemfivilithi yomholi ongaba ngubuso balenhlanganisela yamaqembu aphikisayo. Lesi siphakamiso siqale saqhamuka kwiqembu iFreedom Front Plus (FF-Plus) nethe okukaHlabisa akuxoxosi. Umholi weFF-Plus uDkt uGroenewald uthe kusasekuseni ukuba abavoti bakuleli bamukele ukuholwa ngumholi weqembu labamhlophe ngalokho wathi uHlabisa we-IFP usethubeni lokuba abahole bonke, wagcizelela ukuthi iqembu lakhe liyakweseka lokho.
ElaboHlanga ebelikhona kulomhlangano likuqaphelile ukuthi abaholi bamanye amaqembu bamhlonipha kakhulu uHlabisa kanjalo naye qobo ukwenza kwakhe bekuveza uhlobo lomholi kazwelonke nowabo bonke.
Ukugqama kukaHlabisa kubukeka kuzofaka ingcindezi kuye naseqenjini lakhe. Ngasohlangothi lweqembu ingcindezi izoba sekukwazini ukuxhumana nokuchaza kubalandeli balo ekutheni alikho nje kule nhlanganisela yamaqembu njengodibi. Izimbangi zalo ezifana ne- Economic Freedom Fighters (EFF) zike zaphuma umkhankaso wokunyundela i-IFP yalibeka njengeqembu elizeyamanisa kalula nezimfuno namaqembu abelungu nokuba nodlame.
Lokhu akwehlanga kahle kuleli qembu osekuthathe iminyaka ukuzelapha iququ lezimbangi zokulibeka njengeqembu elabe lincike kubafo lingahambisani nomzabalazo. Ingcindezi izoba sekuchazeleni amalungu eqembu asemahostela, emakhaya , emalokishini nakwezinye izindawo ukuthi besiyini isidingo sokuba bahlangane namaqembu afana neDA neFF-Plus.
Kanti kuHlabisa qobo lokhu kwethenjwa kwakhe kusho ukuthi kuzomele manje enze ngamandla ukuveza ukuthi nembala ungumholi kazwelonke noziqondayo izindaba zepolitiki nepolitiki yezomnotho kanjalo nezidingo zemiphakathi eyehlukene kuleli. Kuyomele abe nendlela elula nebonakalayo yokuhlukanisa umkhankaso we-IFP nonezidingo zawo kanye nokukhankasa ngaphansi kwamaqembu aphikisayo. Sekushiwo konke lokhu umbuzo okubantu abaningi ngowokuthi engabe umholi weDA nayo qobo bazovuma yini ukuthi bona njengabavusi benyamazane neqembu elikhulu kwaphikisayo baholwe nguHlabisa?
Umqulu wamaqembu aphikisayo ayimbumba
Umbono ngeNingizimu Afrika
Uhulumeni omusha ozokwakha iNingizimu Afrika enobulungiswa, ebandakanya wonke umuntu encike ekudaleni amathuba, inkululeko kanye nokuvikeleka kwawo wonke umuntu owakhele izwe.
Izimiso zokunikezelana zombuso
Okubalulekile ekuzuzeni umbono kanye nezinto eziseqhulwini zikahulumeni wethu omusha, isidingo sokuqinisekisa ukuthi ukubusa kusekelwe izimiso zokuziphatha ezihlose ukuthuthukisa ukubambisana kwesikhathi eside ezweni. Sizibophezela ukubusa ngokuhambisana nemigomo yethu yokuphatha okuyimbumba.
1. UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ukubusa komthetho, nokulingana phambi komthetho.
2. Ukusabalalisa amandla ezingeni eliphansi likahulumeni elisebenza ngempumelelo.
3. Uhulumeni okwaziyo ukuziphendulela, osobalafuthi ongayibekezeleli nhlobo inkohlakalo.
4. Uhulumeni onekhono osebenzisa imali yomphakathi ngendlela efanele ukuletha izinsiza ezisezingeni kubo bonke.
5. Uhulumeni onakekelayo obeka abantu phambili futhi obeka phambili abampofu.
6. Umnotho wemakethe ovulekile. 7. Izinqubomgomo eziqondiswa ubufakazi bokuthi zikhiqiza imiphumela emihle emphakathini. 8. Lungisa isikhathi esidlule esingenabulungisa ngokukhuthaza ukungacwasi ngokobuhlanga kanye nobumbano ekwehlukeni kwethu.
Okuseqhulwini kuhulumeni wobumbano
1. Ukukhulisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi.
2. Ukuqeda ukucishwa kukagesi kanye nokuzuza ukuvikeleka kwamandla.
3. Ukuzuza umthetho nokuhleleka okulwa nobugebengu, inkohlakalo nezidakamizwa.
4. Ukuqinisekisa imfundo esezingeni eehambisana namathuba kubo bonke.5. Ukuletha izidingongqangi kubo bonke ngengqalasizinda yezinga eliphezulu.
6. Ukwakha umsebenzi womphakathi wobuchwepheshe kuwonke wonke.7. Ukuqinisekisa ukunakekelwa kwezempilo okuseqophelweni eliphezulu kubo bonke.
8. Ukwakha uhlaka lokusiza umphakathi odonsa kanzima ezweni.
Ukwelula isandla nakwamanye amaqembu esivumelwaneni
Amaqembu ezepolitiki azibophezele azimisele ukudlulisa izimemo kuwo wonke amaqembu ezepolitiki aseNingizimu Afrika ahambisana nombono wethu. Izinto ezimqoka kuhulumeni, imigomo yokuphatha eyabiwe kanye nezimfuneko zokususa i-ANC futhi kuvinjwe i-EFF ngaphandle.
Wonke amaqembu ezepolitiki abhalisela futhi asebenza ngokwale migomo ayacelwa ukuba eziveze abe yingxenye yezingxoxo zoMqulu Wamaqembu Ayimbumba eNingizimu Afrika.