OweRise Mzansi akaziboni bebambisana ne-ANC


Umholi weRise Mzansi uMnu uSongezo Zibi uthi kuseva ukuthi sebengaqala ngokukhuluma ngokuthi yiliphi uqembu abazobambisana nalo emuva kokhetho. UZuma uveze lokhu enkulumweni ekhethekile ayenze nesiteshi somsakazo sezinkulumongxoxo iSafm ntambama. UZibi uveze ukuthi kumele ulinde ubone ukuthi izinombolo zithini, futhi uphinde uye kubantu okuyibo abasuke bekuvotele.
“Okwamanje asazi esizosebenzisana naye kodwa i-ANC inabaholi abanindekile, buka nje uGwede Mantashe, uMengameli wayo ngisho neSekela likaMengameli uqobo,” kubeka yena. Uveze ukuthi angeke baxhamazela kodwa akafuni ukungasho ukuthi kuzoba khona ukusebenzisana inqobo uma kuzovunyelwana ngemibono. Uthe kumqoka ukuthi kukhona konke okwenziwayo abantu bangashiywa ngaphandle. “Sidinga abaholi abazobaqonda kahle abantu nezidingo zabo. Sidinga ukuthi ipolitiki iqale kubona abantu emazingeni aphansi inyuke,”.
Leli qembu liqale ngegiya eliphezulu ngonyaka odlule kuyilo kuphela elaqala ngokufaka izingqwembe zokukhankasa kuzwelonke. Lokhu kwaholela ekutheni umholi we-EFF uMnu uJulius Malema athi lingelinye lamaqembu elidinga ukubhekwa ukuthi imali liyithathaphi. UZibi uthe akuyona imfihlo ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki athola uxhaso.