Now Reading
Udedelwe ngebheyili yezi-R50 000 uKaMapisa Nqakula
Dark Light

Udedelwe ngebheyili yezi-R50 000 uKaMapisa Nqakula

Udedelwe ngebheyili obenguSomlomo wePhalamende uNkk uNosiviwe KaMapisa Nqakula yiNkantolo yeMantshi ePitoli. Omunye umbandela webheyili ukuthi uma ezohambela amazwe aphesheya abike kusasele izinyanga eziyisi-6.

Ngaphambi kokufinyelela kulesi sinqumo kuke kwashuba phakathi kommeli kwabameli bakaKaMapisa Nqakula noMshushisi Wombuso. Obekubangwa ukuthi ummeli kaKaMapisa Nqakula phakathi nesicelo sebheyili ubede eveza ukuthi icala lombuso alinasisindo futhi umbuso uthembele kufakazi oyedwa.

UMshushisi uthe akafuni ukudlula engazange aphendule kulokho okubekwa nguzakwabo omele ummangalelwa.”Ngimi lapha ukusho ukuthi leli cala linaso isisindo. Ngilapha ukuzosisa ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka. NjengoMshushisi ohola ubufakazi, ngiyazi ukuthi bufakazi buni obuqukethwe edokodweni. UMbuso ungakwazi nokushushisa ngisho lapho kunobufakazi bomuntu oyedwa,” kubeka UMshushisi Wombuso.

Emaphuzwini abekwe uKaMapisa Nqakula aphambili esicelweni sakhe sebheyili kube ukuthi akayona ingozi futhi angeke alibalekela icala. Ukhale nangesimo esingesihle samajele kuleli. UMbuso uthe awunazizathu sokuphikisa ibheyili. UMshushisi uveze  ukuthi uzinikele yena emaphoyiseni, ikheli lakhe laqinisekisiwa ngesikhathi kukhona nomyeni wakhe lapho abaphenyi begasela emzini wakhe bezokwenza uphenyo mhla zili-19 kuNdasa. Uveze nokuthi njengomuntu osemdala osephila namahlalakhona UMbuso uyakuqonda lokho. Ummeli wakhe uthe udaba lokuthi ibheyili izoba yimalini lumqoka.

Uthe ngesikhathi bexoxa nozakwabo ecela ukuba bamazise ukuthi kungahle kube yimalini ngoba bona bebezihlinzeke ngezi-R50 000. Uthe uma lesi samba siphindwa kabili sizoba sikhulu kakhulu ngoba ummangalelwa usengumuntu wempesheni. Ummangalelwa ubezinyaziswe ngumyeni wakhe uCharles Nqakula, owayenguSomlomo uBaleka Mbete namanye amalungu omndeni.

See Also

IMantshi ithe ngaphambi kokukhipha ibheyili ziningi izinto ezibhekwayo. Ithe kumele kukhunjulwe ukuthi leli yicala elingaphansi kukaSchedule 5 okungamacala abucayi. Uthe kumele kubhekwe nokuthi ukudedelwa kwakhe ngebheyili angeke yini kuphazamise uphenyo, okanye kube nomthelela ongalimaza uphenyo nokuthi angeke yini ukudedelwa kwakhe kudale ukungabikhona kozinzo nokuphepha emphakathini. IMantshi ithe angeke isangena kokuningi ngoba yanelisekile ngokuthi ikheli lakhe liyaziwa nokuthi akayena umuntu oyingozi ongabelekela icala. Ithe iNkantolo iyakubheka nokuthi uzinikele emaphoyiseni kanjalo nesimo sakhe sempilo.

Ngesikhathi abameli bakhe bemile ekutheni imali angakwazi ukuyikhokha ingagcina ezi- R50 000, iMantshi ithe uMthetho ukubeka kucace ukuthi ibheyili iya nangokuthi umuntu uyakwazi yini ukumelana naleyo mali ebekiwe.

Scroll To Top