Ngabe iphingwe ngenkulu noma uzehlele?
Incwadi esabalaliswe kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana seliyoshona ilanga layizolo ebhalwe nguNkk uNosiviwe KaMapisa Nqakula yokushiya isigubhukane ekubeni uSomlomo wePhalamende neLungu kulesi sakhiwo ivale ikhasi ngesiphakamiso seDemocratic Alliance sokungabethembi ubuholi bakhe.
Izinkomba bezithi iDA ibizothola okukhulu ukwesekwa kulesi siphakamiso kumalungu ePhalamende ikakhulukazi emaqenjini aphikisayo. Isinqumo sikaSomlomo osabambile uMnu uLechesa Tsenoli sokwamukela ukuba iPhalamende lidingide lesi siphakamiso, kukodwa bekucacisa ukuthi bese kukhona ukuhlehlelwa nabakwabo eqenjini elibusayo abayiningi ePhalamende.
Umbuzo omkhulu ngothi ngabe uKaMapisa Nqakula uzithathele ngokwakhe lesi sinqumo, noma ingcindezi iqhamuke ngaseqenjini lakhe i-ANC njengoba izinsolo abhekene nazo zingalininda iqembu emikhankasweni yalo yokhetho. Uma uyilandelela indaba yakhe kulula ukukholwa ukuthi iqembu limfake ingcindezi ukuba azisulele.
Ngesonto eledlule unikele eNkantolo Enkulu ePitoli efaka isicelo esiphuthumayo sokuthi angaboshwa ngezinsolo abhekene nazo. Ngaphambi kokufaka lesi sicelo ufake isicelo sokuthatha ikhefu eliphuthumayo. Yonke le mizamo ingacishe yakhe isithombe sokuthi ubengazimisele ngokushiya esikhundleni. Ukube bekusuka kuye ubengashiya zisuka ngaphandle kokuthi aze athathe ikhefu. Isikhathi incwadi yokwesula kwakhe engene ngaso seliyothambama, nokuphawula ngokuphazima kweso kukaNobhala Jikelele we-ANC uMnu uFikile Mbalula ukuthi uyitholile kuyela ngakhona ukuthi umyalelo uqhamuke eLuthuli House.
Encwadini yokwesula amagama abekwe ngesinono kucaca ukuthi umuntu oyifundayo akumele abone ukuthi kungenzeka ukuthi iqembu lakhe limphushile. “Ngithathe lesi sinqumo ngonembeza ukuze ngikwazi ukuzinika isikhathi nokuthi ngibhekane nophenyo olusanda kumenyezelwa ngami ngabomthetho ezweni lethu. Ukushiya kwami akusho ukuvuma icala ngezinsolo engibekwa zona. Ngenxa yobucayi bezinsolo engibekwa zona, angikwazi ukuqhubeka kulesi sikhundla”.
Izinkomba zithi i-ANC bese imhlehlele uKaMapisa Nqakula kusuka kugasele abaphenyi emzini akhe emasontweni amabili edlule. Ukuphawula kukaMbalula kuviliyela leli qembu ngempelasonto ethi noma ngabe umuntu ungubani futhi unasiphi isikhundla, umthetho wokuthi umuntu ashenxe uzosebenza. “Abantu abahambe bodwa bayobhekana namacala abo ezinkantolo ngoba sifike sibathume ukuthi bayosebenza bona bantshontshe. Nalabo abafaka izikibha ze-ANC bayogcwala ezinkantolo bayobaseka sizobaxosha ngoba ngesikhathi bentshontsha bebenganiniki lutho,”
Le nkulumo izwakale ngokugudla iguma yakha isithombe sokuthi isinqumo sesithathiwe ngekusasa likaKaMapisa Nqakula. Omunye umbuzo ongavela ngothi ngabe i-ANC ibizothatha isinqumo esifanayo yini ukube akusona isikhathi sokhetho. OwayenguNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize wayesoleka ekuhlomuleni kwezigidi zemali zokhuvethe nomndeni wakhe enkampanini wasula njengongqongqoshe kodwa waqhubeka nokuba yilungu lePhalamende.
OkukaMkhize kuhluke kanjani kokukaKaMapisa Nqakula okanye isikhathi esikuso sokhetho. Uma kungukuthi uhoxiswe yiqembu lakhe, ngabe kusekhona yini elingakuzuza kubavoti ngalesi sinqumo noma umonakalo uvele usuwenzekile. Namuhla kubhekwe ukuba azinikele emaphoyiseni, abekwe amacala avele nasenkantolo.