OweBanyana ubona ingqayizivele yethuba lokuzidayisa kuma-Olympics


Injini yomdlali weBanyana Banyana u-Amogelang Motau ichaza ngesizathu esenza silangazelele ukuyodlala kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngoNtulikazi.
IBanyana izobhekana neNigeria emdlalweni omqoka wokuhlungela ukuzibekisela indawo eParis.
Umlenze wokuqala uzodlalwa kusasa e-Abuja bese kuthi umlenze wesibili ubanjelwe eLucas Moripe Stadium ngoLwesibili.
Izwe elizonqoba lizodlulela kuma-Olympic eParis.
“Siqale ukuzicija nabadlali abazinze ekhaya. Imimoya iphezulu ekhempini. Sithole ithuba elanele lokujwayela indlela yokuphila lapha eNigeria. Isimo sezulu naso sesisijwayele. Ngeke sikubalekele ukuthi iningi labadlali abayibamba phesheya kwezilwandle ngabadlali abayizinsika zeqembu,” kuchaza uMotau.
IBanyana iyona engompetha base-Afrika ebholeni labesifazane. Ngonyaka odlule ifinyelele esigabeni somkhumilajezi eNdebeni YoMhlaba eNew Zealand.
“Kuhlale kukuhle ukuthola izeluleko kubona. Benza omkhulu umehluko eqenjini. Leli qembu selithuthuke kakhulu kule minyaka eyedlule. Ngingakujabulela ukuba yingxenye yeqembu elizoya kuma-Olympic Games. Kungayithuba elihle kubadlali abadlala ekhaya ukuzidayisa emaqenjini aphesheya. Imiqhudelwano efana nama-Olympic Games imqoka ukuveza ikhono lethu.” kuphetha uMotau ogijima ku-UWC yaseKapa.
IBanyana ibingabonwa nangokhalo kuma-Olympic Games adlulile eTokyo eJapan. Yakhishwa esigabeni sokuhlunga ikhishwa kabuhlungu ngomakhelwane iBotswana.