Ishoba lichinse ekhaya kuDA kwelikaMncwango



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
NGONYAKA owedlule udaba lwegceke eMancwangeni belusematheni. Lapha bekubhakelana amalungu omndeni asebuholini obuphezulu emaqenjini amakhulu kuleli. Okubonakale kudunga amanzi bekuwukuthi lolu daba selungenwe nabangaphandle. Abebengaboni ngasolinye bekunguMnu u-Albert Mncwango oyiMeya yakwaNongoma kanye noMgqugquzeli kuZwelonke we-Inkatha Freedom Party (IFP). Ngakolunye uhlangothi kunguMnu uZwakele Mncwango onguMholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal nelungu leSishayamthetho kweleNdlovukazi uMthaniya. Abanye abagcine sebethinteka yiBhodi le-Ingonyama Trust eyengamele umhlaba woBukhosi kweleNdlovukazi uMthaniya, uMkhandlu uNongoma okwabe kuneziphakamiso zesivumelwano esithinta umehlokaboni. Akuphelanga lapho ngoba namalungu eDA ayeyingxenye yomkhankaso wokuhola le nhlangano esifundazwe ngaleso sikhathi angena shi njengoba aphawula ngalolu daba kwabezindaba. Amagama kaMnu uSizwe Mchunu owayeyimbangi kaMcwango kanye noMnu u-Emmanuel Mhlongo ayephatheka.
Khona lapho inkampani kaMnu uZwakele Mncwango, Ingqondo Identity Solutions CC nayo yaphatheka. Abanye amagama abo avela yiNkosi yesizwe sakwaMandlakazi ukhalo lakwaMagwashu olusembangweni ngolungaphasi kwayo, owayeyiMeya yakwaNongoma uMfundisi uMataba kanye naloyo owayeyiMeneja uMnu uBonga Ntanzi.
Leli phephandaba kwaba ngelokuqala ukubika ngalo mdonsiswano nowabe ungohlelo lwentuthuko olubizwa ngeMangqwashu Mixed Zone Development. Lolu hlelo kwabe kuphakanyiswa ukuba phakathi kokunye lakhe ingqalasizinda yamabhilidi efaka amahhovisi kanye nenxanxathela yezitolo. Ukuze lolu hlelo lume kwakuphakanyiswa ukuba lungene ngaphansi kwesivumelwano sokusebenzisa umhlaba isikhathi esingama-99 eminyaka nokuyinto eyabe iqoshwe esiphakamisweni sokusebenzisana (memorandum of understanding) leli phephandaba elinayo. Zaba ntathu iziMeya zoMkhandlu udaba olwedlula kuzo, okwaba nguMabika, uMavundla, uMataba nolube selubhajwa kuMncwango ngoba ethi lolu hlelo lungumsanka onukwa kwabo njengoba wabe usuqaqeke waze wanuka nakuMasipala awuholayo.
Ephawula ngalolu daba uFakazi (abakwaNtanzi) wathi ngaleso sikhathi: “Laba bantu enifuna ngiphawule ngabo ngibazi kakhulu ngoba omunye wayeyingqwele yami kanti lona omncane kwakungumfundi wami okumanje sisezwana kakhulu. Nokho ngoba niyangiphoqa kumele ngicacise. Okokuqala ngesikhathi kusekhona iMeya uMabika, yakhala ngokuthi idolobha uNongoma alikho esimeni esihle licinene kakhulu. Waze waphakamisa ukuba kuzanywe enye indawo okuzokwakhiwa kuyo ingqalasizinda. Wabe esexoxisana nomphakathi wakwaMandlakazi, abasoQathaqatheni nabakwaMncwango. Laba bakwaMncwango bathi kungakuhle kukhulunywe ne-Ingqondo ngoba yiyona esingethe umhlaba wabo. Phambilini umbono esasinawo kwakungukuthi sifuna ukusebenzisa zonke izindawo zaMakhosi sifake kuzo intuthuko ukuze sinciphise lesi siminyaminya esikwaNongoma edolobheni. AMakhosi ayebhekwe kakhulu kwakungeyaseMatheni, eyakwaMandlakazi nasoSuthu. Sasibeke eceleni imali eyizigidi ezintathu zokuba uma iNkosi isinikeza umhlaba siyonxephezela isizwe sayo ngalezi zigidi ezintathu. Kuthe uma siya koMncwango kwaba yilapho sitholana khona ne-Ingqondo Identity Solutions yona eyayinomhlaba cishe obungamahektha angama-30.
UMncwango we-Ingqondo wasinikeza uhlelo lwakhe lokuthuthukisa umhlaba ayewuphethe. Kuthe uma sibuka ayezokwenza sakuthanda kanti wayesethe angasinikeza umhlaba ngamarandi ayizigidi ezimbili. Okwasixaka kwaba ukuthi sawubona umncane kakhulu nokwenza sagcina siya eNkosini yakwaMandlakazi ukuze sithole okuthe xaxa,” kusho uNtanzi.
Uqhube wathi iNkosi yakwaMandlakazi yakuchitha ukudayiswa komhlaba nokunikezelwa kwesinxephezelo okwakuhlongozwa yi-Ingqondo Indetity Solutions kodwa yathi awubolekiswe uMasipala awuthuthukise. Uthe okwaba lula ukuthi kwasekunesivumelwano sokuboleka umhlaba seminyaka engama-99 esasikhishwe Ingonyama Trust ngemuva kokuvumelana nomphakathi sanikezwa Ingqondo Identity Solutions.
“Kuthe kusenjalo kwaba nenkinga yokuthi abantu basoQathaqatheni abasayizwa kahle le ndaba yalolu hlelo lwentuthuko bavele bagodla indawo yabo. INkosi yakwaMandlakazi yabe isivuma ukuba sithathe indawo eyayingamahektha ali- 164 eyayihlanganisa inqwaba yamasimu angasasebenzi ayesengaphansi kwayo. Ngokomthetho uma insimu isihlale iminyaka emithathu ingalinywa ifakwa ngaphansi kweNkosi yesizwe kanti lawa aseMancwangweni ayeseqede iminyaka engama-30 engathintwa.
“Ngakho iNkosi yathi singaqala silethe intuthuko kodwa inkampani kaZwakele Mncwango Ingqondo Identity Solutions yabe isizolahlekelwa ubunikazi bokuphatha kodwa wayezobhekelelwa ngokuthi izinhlelo abenazo zamabhizinisi ziqhubeke ngaphansi kwentuthuko kaMasipala. Yingakho kungazange kube nemali ayezonikezwa yona uMncwango we- Ingqondo. Umphakathi nawo ubuzohlomula kakhulu kodwa inkinga iqale lapho amakhansela akwaMandlakazi nawasoSuthu esebanga inkundla yemidlalo eyayizokwakhiwa kwaMandlakazi ngemali esasiyinikelelwe uMnyango Wezemidlalo Nobuciko Namasiko KwaZulu-Natal.
Kwagcina kufika nesikhathi sokuba ngihambe kwaNongoma kungasayinwe lutho njengoba namanje uhlelo lumile,” kuchaza uNtanzi.
Kakwehlanga kahle
Izinkulumo zokuthi ukusebenza kwakhe kunomsanka njengoba kwabe kusho iMeya akwehlanga kahle kuMnu uZwakele Mncwango nowakhala ngokuthi uyanyundelwa kwabo nokuyinto eyehlisa isithunzi sakhe njengoba kwabe kuthiwa wacisha amavenge nathi uyabhecwa ngakho. Uthe lapho ethi lolu daba uzoludlulisela kubameli bakhe ukuba bayomlwela ukukhuluma kwabe sekusho khona lapha kwabo ebandleni lakhe lepolitiki iDA. Ephawula ngalolu daba uMncwango wathi: “Okokuqala lo mhlaba owomndeni waseMancwangweni kithi, yiwo owangicela ukuba ngiwuthathe ngiwufake ngaphansi kwenkampani yami Ingqondo Identity Solutions. Ngenxa yalokho iNkosi yakwaMandlakazi yabe isingibiza izongichazela ukuthi icela uMasipala wakwaNongoma uma unesifiso sokuthuthukisa le ndawo kufanele okungenani uqashe umhlaba enkampanini yami. Lokho kwakuzosho ukuthi uma konke kuphumelela, inkampani Ingqondo yayizobe isiqoka ikomiti lo mphakathi elalizoba amalungu eTrust okwakuzoba yiyo ezosingatha konke bese Ingqondo yona iphuma ekuphatheni umhlaba. Lolu daba beluvele luqale kudala kusuka ngesikhathi seMeya uMabika kwaze kwaba kungena uMataba.
“Okwakuzokwenzeka ukuthi lo mhlaba bekuzokwakhiwa kuwo ingqalasizinda ezosiza umphakathi wonkana ngenxa yokuthi idolobha kwaNongoma lincane kakhulu. Ngakho lo mhlaba yiwo obubonakala njengendawo ekulungele ukuba yisizinda sentuthuko nobekuzosiza ekwakheni amathuba emisebenzi kubantu. Inkinga ukuthi uMncwango, iMeya, uzame kaningi ukuvimba intuthuko ngenxa yokuthi unezinhloso zakhe zokuba abe nebhizinisi lamahlathi kuwo lo mhlaba. Ngakho ubevele akhale ngamasimu akhe kodwa uma kunemihlangano yomndeni yokubhunga ngalo mhlaba angezi. La masimu akhala ngawo agcina ukulinywa eminyakeni engaphezulu kweli-10,” kusho uMncwango. Okunye akushilo ukuthi uMasipala wathi usuvele unemali eyizigidi ezintathu zamarandi ebekelwe ukwakha inkundla yemidlalo yakwaNongoma. “UMasipala wasibikela ukuthi ukuze bakhombise ukuthi lo mhlaba bazimisele ngawo bazosebenzisa lezi zigidi ezintathu ukwakha kuyo inkundla yemidlalo bese kulandela nezinye izinhlelo. Ngakho namanje ngiyasho akukho mali engayithola noma eyeza enkampanini yami ngoba lezo zigidi ezintathu azizange zisasebenza ngenxa yokuthi bekungakaphothulwa lutho. Nokho kubi ngoba amanga asatshalaliswa ngalolu daba asexoshise ngisho uMataba kwathiwa wadla imali ekubeni engazi lutho. Le ndawo ebifunwa uMasipala nebizoba yisivumelwano seminyaka engama-99, ingamahektha ali- 164. Nokho kubuhlungu ukuthi le ndawo engaka ebizoguqula impilo yabantu bakithi kwaNongoma intuthuko yayo iphazanyiswa ukulwa kwasemndenini. Yize kunjalo kodwa sizoqhubeka sifune abatshalizimali abazoletha intuthuko ngokuzimela kuleya ndawo ngoba iyakudinga ukufukulwa ngokomnotho. Sizolwa kuze kube sekugcineni ngoba ngiyazi ukuthi ngisho iNkosi yakwaMandlakazi kuliwa nayo ngale ntuthuko iyahlukunyezwa,” kuphetha uMncwango.
Upheyo lweqembu
Lokhu kukhuluma kubhebhetheka nje kuzoba nokhetho lobuholi besifundazwe iKwaZulu- Natal kuDA nokwenza labo ababencintisana noMncwango bathole inxeba. UMnu uMhlongo owayengenele esifanayo nesasifunwa nguMncwango kananazanga ekutheni umlingani wakhe kaphenywe ngodaba lwezinsolo zomsanka wakwaNongoma. Kwavela ukuthi usho kanjena uMhlongo omunye umholi weqembu uMchunu usesifakile isikhalo enhlanganweni. Lokhu kwaholela ekutheni kube nophenyo lwangaphakathi. Umbiko walolu phenyo nolwenziwa wuphiko iDA Federal Legal Commission (Case No:D9/2018) lumkhipha phambili uMncwango ngelithi akukho ubufakazi elabucoshayo obuphathekayo ngalolu daba. Umbiko uyasho ukuthi iMeya ayibethulanga ubufakazi obanele. Khona lapho ithi uMncwango weDA waveza uhlangothi lwakhe nolwenza bamkhipha phambili. Kuningi okungaveli kulo mbiko; awaveli amandla eFederal Legal Commission okubiza esigcawini abantu abangewona amalungu eqembu. Akuveli ukuthi uma iMeya ibika udaba kuDA yayikwenza njengobani, iMeya noma ilungu le-IFP? Kumakhansela umbiko othi kwakhulunywa nawo okungoKhansela: uR Buthelezi, uJZ Zungu, uM Ndwandwe noSM Zulu akuveli ukuthi babekhuluma njengamakhansela amele uMkhandlu noma njengezakhamuzi zakwaNongoma ezinolwazi ngodaba. INkosi yakwaMandlakazi neNgonyama Trust akuveli ukuphawula kwabo njengabathinteka ngqo kanti izimeya ezintathu ezabe zinolwazi ngodaba kanye noMnu uNtanzi akuveli ukuthi bake bathintwa. Kunalokho abaphenyi bakhomba ekhaya, abaphenyi bathe kulokhu: “Kuyacaca ukuthi lolu daba luqubuka ngenxa yokuqhubeka ngaphakathi okumayelana nokhetho lwesifundazwe futhi lungabukwa njengalolo oluqutshulwa ukuncintisana kwangaphakathi kulabo abangenele ukhetho kuDemocratic Alliance.”