Now Reading
Iqwala imimango namagquma iGrand Vitara All Grip
Dark Light

Iqwala imimango namagquma iGrand Vitara All Grip

Isinyathelo senkampani enkulukazi yezimoto kuleli iSuzuki Auto South Africa sokuzibandakanya nomkhankaso wokulekelela izikole ezidonsa kanzima ngezinsizakufunda owaziwa ngeRally to Read, asigcinanga nje kuphela ngokuhlomulisa izikole ezimbili zaseBulwer ezixhaswe yile nkampani, kodwa nami uqobo kunginike ithuba lokuvivinya enye yezimoto zabo iGrand Vitara Hybrid All Grip. Lena yimoto yakamuva kweziphakeme zale nkampani  okwenze kwangangimangaza ukuthi kube yiyo abayisebenzisa emikhankasweni yabo yalolu hlobo ngoba yakhelwe ukubhekana nazozonke izimo zomgwaqo. Yize besibathathu emotweni kulolu hambo, futhi  emotweni singabashayeli abavuthiwe , kepha njengobhuti omdala kube yimi ophakamise kuqala  isandla ngokuba yivulandlela ngemuva kwesiteringi.

Zisuka nje amadaka ingithathile indlela engudedangendlale ngayo. Akubuzwa ukuthi iyimoto yomndeni ngenxa yokuvuleka kwayo nesikhala sokulayisha impahla. Njengoba umthwalo omningi obuhanjiswa ezikoleni bekungamakhabethe nezincwadi kuzingenele kalula esikhaleni sale moto esingama-310 litres. Nokho kudingeke ukuthi izihlalo zangemuva sizilalise ukuze kwande isikhala sifinyelele kuma-1, 1471 ukuze umthwalo wanele kahle. Ebesihamba ngayo inenjini eyi-1.5 litre ekhiqiza amandla afinyelela kuma-76 kW netorque engama-137Nm. Njengoba kuyi AllGrip amandla asabalala kuwowonke amasondo okwenze nomqansa womgwaqo osuka eMgungundlovu unyukela eHilton izishibilikele kalula kuwo. 

Nokho kukhona lapho ngizithole ngimanqika ngokuthi izokwazi yini ukumelana nzindundulu, kepha uma uzoyicindezela kahle, uswidi wodwa. Okunye engikuqaphelile indlela eyonga ngayo kuphthroli. Ithangi leGrand Vitara elimumatha amalitha angama-45 likwazi ukusigcina ingenye yonke yohambo yize sibuye sathi cobho kancane ngenxa yokungazi ukuthi izikole ziqhelelene kangakanani.  Ayikhalisi kakhulu kuphethroli kulesi sikathi esinzima sokwenyuka kwawo ngoba ngesikhathi ngingemuva kwesiteringi ibiyehla yenyuka phakathi kuka-7.5 kuya ku-8 litres ngebanga le-100km.

Amasondo ali-17 inch ayenza ikwazi ukubambelela emgwaqeni, elekelelwa ukuthi ilishiyile igabadi ngama-210 mm. Yize ikwazi ukumelana nanoma yiluphi uhlobo lwendlela kusuka odakeni kuya esihlabathini, akukho lapho kudingeke ukuthi ukuthi uchofoze ibhathini uyishintshi isuka ku Mud Mode noma ku Sand mode ngoba indlela yethu ibiqondile. Okuhle ukuthi lapho uzithola ungaphansi kwengcindezi emigwaqeni eyinkinga uyakwazi ukuyisetha ngendlela ezohambisana nalowo mgwaqo.

Uma isisemgwaqeni isizungu usizwa ngendaba ngoba iphuma nescreen esingu-9 inch esiqukethe okuningi ngemoto esisebenza ngokuthi usichofoze kancane ngomunye. Siqukethe ikhamera ekwazi ukubheka nxa zonke, ihead-up display esiza ekutheni umshayeli angawasusi amehlo emgwaqeni ngoba ikukhomba ijubane imoto ehamba ngayo, icriuse control, i-air conditioner nasezihlalweni zangemuva. Le moto iyakwazi ukuxhuma  i-Apple Car Play ne-Android Auto. Anginaso isiqiniseko nge charger yakhona esebenza ngokuthi ubeke iselula yakho ngaphandle kokuyixhuma ngoba ngiyizame iziwombe eziningi, dololo.

See Also

Angibavume kwaSuzuki ngokude belinyusa kancane izinga lobuhle ezimotweni zabo. iVitara ngiyikhipha phambili ngobuhle kungakhathalekile ukuthi idle ngambala muni. Ingaphambili layo liyahha ngendlela kaSuzuki abayinameke ngayo igrille ngaphambili, phakathi kwamalambu idaytime headlamp namachashaza amathathu. Ngemuva akukho simanga ngaphandle kwama LEd andiza emoyeni ngezansi, kodwa ingichazile indlela abanameke ngayo uphawu lakwasuzuki phakathi nendawo lakwakwa ngamalambi ebhithini. Igrille igqize ngombala ompunga okwengeza ubuhle. Ugabagaba lwepanoramic sunroof olukakwe ngama roof rail asiliva ngenye yezinto eziyenza ihluke ezimbangini zayo.

Intengo: R529 900

Scroll To Top