Now Reading
Ubungozi bezinhloli ezinamabatha embusweni nasekuphepheni kwezwe
Dark Light

Ubungozi bezinhloli ezinamabatha embusweni nasekuphepheni kwezwe

Kuleli sonto iNingizimu Afrika ingene kwesinye isigaba esiyingozi ngesikhathi loyo owayephethe uphiko lwezinhloli kuleli iState Security Agency, uMnu u-Arthur Fraser ephikelela emaphoyiseni eyomangalela uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ngezinsolo ezishaqisayo.  Yize lokhu kungethusanga ngenxa yobutha obukhona phakathi kukaFraser nabathile kuHulumeni naseqenjini elibusayo, okuqaphelekile wubungozi obufufusayo ezinhlakeni zokuphepha kuleli nokungabeka izwe engcupheni. 

Esimweni esejwayelekile izinhlaka zobunhloli ziseqhulwini ekuvikeleni izwe ezimweni eziyingozi zangaphakathi nezangaphandle. Kusemahlombe azo  izinhloli  ukuthola ulwazi olubucayi kanye nokuthungatha imikhondo, bese zicebisa uHulumeni uma sekufikwa kwezokuvikelwa kwezwe, kufafazwe ulwazi olungeyilo. Lo msebenzi wenza lolu hlaka lubaluleke ekwakhiweni nasekusebenzeni kukaHulumeni. Kungalesi sizathu amalungu alo kumele kube ngabantu abathembekile nabanothando lwezwe. Ngenxa yolwazi olubucayi lwezwe kanye nabaholi olungaphansi kophiko lwezinhloli, amalungu alo kumele kube ngabantu abasuke bephenywe ngokwanele ukuthi bangawenza yini lo msebenzi. Okunye okumqoka wukuxhumana okuhle phakathi kwalolu phiko kanye noMengameli wezwe nokunguye ngokoMthethosisekelo wezwe onguMkhuzi wazo zonke izinhlaka zempi ezweni kubandakanya nophiko lwezinhloli. Okuvezwa nguFraser kulezi zinsolo zakhe akukhulumi ngomuntu nje noma umholi weqembu kepha kukhomba umkhuzi wempi yakuleli okunguMengameli wezwe. 

Lokhu  kusolana koyinhloko yezinhloli kanye nonguMengameli akuqali.  Ngesikhathi sikaMengameli uMbeki kwaba nokungqubuzana phakathi kukaMbeki kanye nowayephethe izinhloli uMnu uBilly Masetlha.  UMengameli uMbeki wasola izinhloli ngelithi bapheka imibiko ukuze bazincengele kuye. “UMengameli njengenhloko yombuso nenhloko kaHulumeni ungowokuqala owamukela ezobunhloli bomphakathi. Ungacabanga-ke manje ukuthi kungabanjani uma uMengameli efunzwa ngolwazi olungamanga. Ngithi lokhu kuyingozi enkulu futhi ngeke uvumele ukuthi kuyekethiswe izingabunjalo lezobunhloli nobuqiniso babo, ngeke uze uvumele isimo lapho lapho abantu bezikhiqizela nje ubunhloli,” kusho uMbeki. 

UMasetlha nowagcina ngokuxoshwa nguMbeki wayesolwa phakathi kokunye; ngokwenza lokhu okulandelayo: Ukubandakanyeka ekwakhiweni kwama-imeyli ayegqugquzela ukufaka ngekhanda izikhulu zikaHulumeni ne-ANC eziphezulu etulweni lokuqhubukusha nokubheca owayenguSekela Mengameli uMnu uJacob Zuma. Ngakolunye uhlangothi yena wathi owayenguNgqongqoshe uKasrils wabe eyingede yezinhloli yeSecret Intelligence Service iM16. 

Esinye isikhulu sezobunhloli esageqa amagula ngabaphathi baso nguMnu uMo Shaik owabe ephethe iSouth African Secret Service naye wagila esifanayo ngesikhathi enekela amathumbu ezobunhloli  iKhomishini eyabe iphenya ngezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Akagcinanga lapho kepha wabhala ngisho ibhuku elibizwa ngeThe ANC Spy Bible kulo engagcini nje ngokukhuluma ngempilo yakhe njengesikhuphekhuphe seqembu kwezokuphepha  kepha uze angene nakuloyo owayenguMengameli wezwe uZuma. Uphawula ngoZuma nje wabe esevele ekuvezile ukuthi wabe engaphathekile kahle emsebenzini wakhe njengoba esula nje eminyakeni emibili eqalile ngoba esola ukuthi kunombimbi olwabe lumdlalisa injeje olwabe luhlanganisa uNgqongqoshe uCwele owabe ephethe izinhloli ngaleso sikhathi noZuma. Ngokusho kwakhe lokhu kwaba ngenxa yokuthi wabe eqhuba uphenyo ngabahlobo bakaMengameli uZuma abakwaGupta kanye neNhloko Yezinhloli uGibson Njeje kanye noMnu uJeff Maqetuka. Khona lapho okuvelayo kwaba zinsolo zokuthi ukuxoshwa kongqongqoshe abayisikhombisa kwabe kungenxa “yombiko odukisayo” wezobunhloli owahlanganiswa ngumphathi weCrime Intelligence uMnu uRichards Mdluli.  

Ebhukwini lakhe uShaik uze aphawule ngoZuma athi waduka endleleni wabe esegila imikhuba.

See Also

“Ngeke ngazi ukuthi kukuphi ngempela lapho uMnu uJacob Zuma alahleka khona. Ubehlala engenjena. Amandla amguqulele kokubi okufunze ukungazinzi kwakhe ekubeni akholwe wukuthi ubegilwa ekufezeni okwabanye. Ebambeke kulo mgoga wesimo somcabango, wayelokhu egamanxa mawala ezindabeni zombuso, engawaboni amaphutha ezindlela zokwenza kwakhe.’’

Yize kusesekuseni ukusho ukuthi iyozala nkomoni ezinsolweni zikaFraser okusobala wukuthi umkhokha wokusolana phakathi konguMengameli noyisikhulu sezobunhloli kuyaqhubeka ngoRamaphosa. Ingozi isekutheni ezinye izinto okungenzeka ukuthi ziyimfihlo yezwe zinganekwa obala.  Okunye lokhu kungqubuzana kungasondeza nezitha zeNingizimu Afrika kokunye njengoba kwenzeka kwamanye amazwe izinhloli zakuleli zithengwe ngezangaphandle ukuze zidalulela izimfihlo zezwe.

Okunye okusolwayo ngobuthuntu bezinhloli zakuleli wukuthi kungenxa yokuthi zehlukene phakathi ngenxa yepolitiki yeqembu elibusayo nakho okubeka izwe nombuso engcupheni.

Scroll To Top