Kulesi siqephu uMfo wakwaNomajalimane (onguMhluzi Omkhulu kwelaboHlanga) usilandisa ngemizamo yeSILO yokugeza iButho kukhucululeke ipolitiki yamaqembu.…...
UNomanzi (olifuzamuntu) ungowesifazane wasekhaya okhaliphile ofundisa umphakathi nobumqoka bokulawula amanzi....
Kulolu chungechunge lweziqephu umlaleli ulalela amanye amagama akhulunywa yiSILO sisephakathi kwethu.
Ngesikhathi kunokuxokozela koMkhulu kunombuzo ekutheni siphi isizwe?
Kulesi siqephu ElaboHlanga libungaza impilo yeSILO sisephakathi kwethu.
Lalela isiqephu sokuqala sochungechunge lwephodikhasti ebungaza iminyaka engama-73 yokuzalwa kweSILO esesiNyandezulu.
Uthi isixazululo silele ekufakeni abantu abanamakhono kanye nokuthuthukisa ingqalasizinda kakhulukazi ezindaweni zakobantu, emakhaya nasemalokishini.
Kulesi siqephu uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya ipolitiki yezomnotho kuleli ugxile kwaboHlanga, abachaza njengabakhi bezimoto bengazigibeli.
Kulesi siqephu uMtaka umeme uSolwazi uSomadoda Fikeni nohlonishwa kakhulu emkhakheni wezokuhlaziya phakathi kokunye ipolitiki, ipolitiki yezomnotho kanye nezokubuswa nokuphatha.
Kulesi siqephu uMtaka uxoxa noSolwazi uBheki Mngomezulu ngobumqoka besikhongeli nokuthi abavoti bangaselusa kanjani ngale kokhetho.
Kulokhu bathembisa ukuthi imibango yangaphakathi sekuyindulo elibi, bathi sebekulungisile ukukhuluma ngokhetho lohulumeni bendawo bathi baphethe lokho i-Azania ( iNingizimu Afrika) ekudingayo kakhulukazi komasipala.
i-IFP linikeza isiqiniseko sokuthi uma nivotele lona nizobe nivotele uHulumeni Wendawo ozobusa ngobuqotho, onobuholi ongabethemba. UHulumeni ozoletha intuthuko ozoyithinta ngezandla uyibone ngamehlo: ugesi, amanzi ahlanzekile, imigwaqo, izindlu, ukuthuthwa kukadoti
Lapha uNtusi uveza lokho athi kwenza behluke eqenjini elibusayo nakwamanye aphikisayo nathi ngenxa yalokho abavoti kumele bakhethe phakathi kwezethembiso kanye ne-DA eyenza izinto zenzeke.
Kulesi siqephu uMtaka uxoxa noMnu uSbusiso Mncwabe ngesikhongeli se-ATM.
Abe Economic Freedom Fighters bathi bangumalamulela kusimo senkohlakalo ezweni. Bathi aboHlanga kumele babone izinguquko manje. Bathi sebekulungele ukuphatha.
Kulesi siqephu uMtaka uxoxa noMnu uMawethu Mosery oyiSikhulu Esiphezulu ku-IEC kuzwelonke. Babheka imithetho yokhetho njengoba kuzoba nokhetho lohulumeni wendawo mhla lu-1 kuLwezi.
Kulesi siqephu sokuqala uMfo waKwaNomajalimane uxoxa nongoti bolimi: uSolwazi u-Otty Nxumalo, uMnu uNhlanhla Xala (onguMhluzi Omkhulu kwelaboHlanga) neciko uMnu uMbuso Khoza mayelana nobumqoka bokubhala nokushicilela ngesiZulu.