#UMsombulukoWesinqumo: I-Democratic Alliance ithi yiyo kuphela eyenza izinto zenzeke

October 30, 2021

Leli yiqembu lesibili ngobukhulu kuleli. Lingelokuqala kwaphikisayo kanti yilo lodwa elihola isifundazwe kwaphikisayo. Kulolu khetho i-Democratic Alliance (DA) ingena ixhuga ngenxa yamaphutha emkhankasweni wayo nangenxa yezindaba zangaphakathi. Nokho phezu kwalokho imile ekutheni yiyo engalungisa omasipala kuzwenlonke njengoba isivele inobufakazi lapho iphethe khona.
Kule phodikhasti uMtaka ukhuluma noMnu uSithembiso Ngema oliSekela Sihlalo weqembu KwaZulu-Natal nekhansela kuMasipala iTheku. Lapha uNtusi uveza lokho athi kwenza behluke eqenjini elibusayo nakwamanye aphikisayo nathi ngenxa yalokho abavoti kumele bakhethe phakathi kwezethembiso kanye ne-DA eyenza izinto zenzeke.
LALELA MANJE: