Ubumqoka bokubhala nokushicilela ngesiZulu


Namuhla ElaboHlanga lingaqali liqophe umlando kwezokushicilela nokusakaza. Leli phephandaba ngeSonto esiphuma kulo lethule umsakazo, iBayede News. Lo msakazo unezimvezwa namaphodikhasti okuningi. Lokhu kusukela ezindabeni nezingxoxo, amadokhumentari kanye nokulandisa. Kuzo zonke izimvezwa namaphodikhasti abalaleli abathokozeli ubuntatheli obuhlabahlosile, amadokhumentari nokuhlaziya kuphela kodwa bafunda kabanzi ngolimi. Abafundi bayamenywa ukuba babe ngabalaleli ngokuba bahlanganyele nathi ngelesi-6 ntambama maphakathi nesonto, ukuze uthole ingqikithi.
Ubumqoka bokubhala nokushicilela ngesiZulu
Kulesi siqephu sokuqala uMfo wakwaNomajalimane uxoxa nongoti bolimi; uSolwazi u-Otty Nxumalo, uMnu uNhlanhla Xala (onguMhluzi Omkhulu kwelaboHlanga) neciko uMnu uMbuso Khoza mayelana nobumqoka bokubhala nokushicilela ngesiZulu.