Now Reading
UKhuboni ufisa uNdlovu aqhubeke nokuhlala kwi-Arrows
Dark Light

UKhuboni ufisa uNdlovu aqhubeke nokuhlala kwi-Arrows

Lowo owayengumdlali weLamontville Golden Arrows uThanduyise “Gonondo” Khuboni, ululeka uSiyanda “Skhwishi” Ndlovu ngokuthi angasheshe afune ukuyodlalela lamaqembu ekuthiwa makhulu.

UNdlovu (22) phambilini obebiza isibonga sakaMthanti ungomunye wabadlali abagqamile ayi kwi-Arrows kuphela kodwa kwi-Premier Soccer League (PSL) yonkana.

Ezikhathini eziningi umdlali uma enza kahle emaqenjini okuthiwa “mancane”, kuthi kuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali amaqembu amakhulu asuke eseqalile emshela lowo mdlali.

“Ngibe nenhlanhla imidlalo ye-Arrows ngayibuka cishe yonke ngambona lomfana wakaNdlovu, ithalente analo liyamangalisa. Ngiyazi kukhona izinkulumo esezizovela ukuthi ufunwa amaqembu amakhulu akoGoli. Kodwa mina ngingamluleka ngokuthi njengoba esemncane ngokweminyaka nje aqhubeke ahlale eqenjini ngaphansi kobuholi bukaMngqithi (Manqoba), ngoba kuningi asazokufunda. Ikusasa lakhe liqhakazile, kodwa akumele ajahe izinto” kusho uKhuboni.

Lo mdlali waseDoringkop, eDannhauser, okuyisizini yakhe yesithathu egijima kwiGolden Arrows, bekubhekiwe ukuthi angabizwa eqenjini leBafana Bafana elizodlala umdlalo wobungani neZambia kodwa igama lakhe alivelanga.

“Ngiyazi uNdlovu abaningi bebembheke ukuthi abizwe njengoba uBroos ebize isikwati esizodlala umdlalo wobungani neZambia, kodwa ngiyafisa kungambulali ukwezethemba kwakhe lokho kodwa kumakhe aqhubeke asebenze kanzima. Umqeqeshi weBafana Bafana simbonile enikeza inqwaba yabadlali ithuba, abadlalela amaqembu amancane nakuyena kuzokwenzeka ngoba usetshengisile ukuthi unalo ithalente. Nami ngabizwa ngidlala kuyona i-Arrows ngimcane lelothuba ngalibamba ngezandla zombili,” kubeka uKhuboni owadlala iNdebe yoMhlaba ngowezi-2010.

UKhuboni (39) yena waseClermont, ngesikhathi ethola ithuba edlala kwi-Arrows wayemncane wagcina eseba ukaputeni.

Utshele elaboHlanga ukuthi banenhlanhla labadlali kakhulukazi abancane ukuqeqeshwa uMngqithi, ngoba unesineke futhi uyanikezana ithuba.

See Also

“Ngihlezi ngisho ngithi banenhlanhla labadlali abancane abakwi-Arrows yokuthi baqeqeshwe uMnqithi, ngoba uyakholelwa ezinganeni nokunikeza umdlali ongaziwa ithuba lokuziveza. Lento engikhuluma ngayo yenzeka kuthina sasingaziwa sibancane, kodwa wasinika ithuba sazenzela igama kunobhutshuzwayo wakuleli”.

Ngonyaka wezi-2009 i-Arrows iqukula iMTN 8 ibhaxabula i-Ajax Cape Town ngamagoli ayisithupha eqandeni, uKhuboni wayedlala kuqeqesha yena uMnqithi. Wadlala kuyona kusukela ngowezi-2006 kwaze kwaba owezi-2014.

“Okuwubufakazi bokuthi uMnqithi ukholelwa ezinganeni buka ubani ophethe ibhande kwi-Arrows uJiyane (Ayanda), kodwa bakhona abadlali abadala okungabe kuya ngomunye umqeqeshi ngabe yibo abangokaputeni. Lo mfana ophethe ibhande mncane kodwa ubuholi bakhe bukhulu kakhulu” kubeka uKhuboni.

Uthe uyayibona i-Arrows ingayinqoba iCarling Knockout Cup, njengoba isifike kumaSemi-Final ayo.

Scroll To Top